Lala Palm

© Roger de la Harpe

Igama

Lala Palm

Igama lesiLatini

Hyphaene coriacea

Incazelo

La ekhaya lesi sihlahla sibizwa ngokuthi yi-Molala. Ama-palm amakhulu ubude bawo ngu 5-7 wamamitha, kodwa ngezinye izikhathi ayafika kwi -15m. Ngesinye isikhathi iyesibe nesiqu esisodwa noma zibe ningi futhi zivuvukale phezulu. Lesi sihlahla sitholakala kuma-bushveld nangasolwandle. Amaqabunga aso amiswe okwefeni, umbala wawo uluhlaza sangwevu. Izithelo saso ubukhulu bazo bungangebhola lethenisi. Uma sezivuthiwe umbala wazo uyajika ekubeni luhlaza ube sawolintshi othanda ukuba nsundu ocwebezelayo. Ukunambitheka kwalesi sithelo kumndandi futhi inokusa-ginger. Sikhiqiza izithelo eziningi ezingafika ezinkulungwaneni ezimbili isihlahla sisodwa. Lesi sihlahla sithatha iminyaka emibili ngaphambi kokuthi siyeke ukukhula.

Izithelo

Umbala wezithelo zalesi sihlahla uyangokuthi utholakala kuyiphi indawo, kodwa zivame ukuba luhlaza, noma wolintshi, bese ziba nsundu uma sezikhulile. Zakhiwe ngokungafani ubukhulu bazo ngu 60-80mm, futhi sinuka kamnandi. Izithelo zithatha iminyaka emibili ngaphambi kokuthi zilunge, bese ziwa ezihlahleni. Zidliwa yizindlovu, Izinkawu nezimfene.

Ukusetshenziswa

Ubisi olutholakala kwizithelo ezisezincane luyafana ne-coconut milk ngokunambitheka nangokombala. Izindlovu zithanda amahlamvu alesi sihlahla mangabe esaqeda ukuhluma, futhi anuka njengo khukhunathi. Umqhele-nhliziyo owaziwa ngokuthi yi-Delt i-pulp yayo ngathi yisinkwa esenziwe nge-ginger. Ukuthola lendawo ethambile yalesi sithelo kumele usishaye ngenduku noma itshe. Lesi sithelo siyathandwa yizimfene. Ama-palm athandwa ngenxa yewini yawo, ngebhadi, lokhu kuyawabulala. Ama-palm swifts ayathanda ukwakha izidleke zawo kuma-lala palm, futhi aseze anazo nezindlela zokwenza amaqanda azo angawi, ziye ziwanamathisele ngamathe.
Izimbewu zimhlophe futhi ziqinile, zifana ne-ivory yaseNingizimu Melika, kodwa zona zincane kakhulu ukuthi zingadayiswa.

Lapho ezitholakala khona

EZimbabwe, e-Angola, eBotswana, eNothern Transvaal naseNamibia.

Olunye ulwazi

Imbewu ihamba isakazwa yizindlovu ngobulongwe bayo uma ihamba endle.