SQLSTATE[HY000]: General error: 144 Table './aatc/tiger_page_view' is marked as crashed and last (automatic?) repair failedIndawo yokujula ngemicabango kaMandela

Indawo yokujula ngemicabango kaMandela

© Eric Miller

iProjekthi (umsebenzi okhethekile) Ingeyokuqala Emhlabeni

uKofi Annan wachaza idlanzana elikhethekile elahlanganiswa ngu Mandela eGoli ngonyaka ka 2007 ukwakha abaluleki ngezwe ngokuthi bayindawo ejulile yokucabanga (think tank), laba babezobheka izixazululo kwezinye zezinkinga ezinkulu umhlaba obhekene nazo.

Phakathi kwabo kwakunabaqavile emhlabeni njengaloyo owayenguMongameli wase Melika u Jimmy Carter, OwayenguMongameli wase Irish uMary Robinson, Usozimali nowezomnotho uMuhammad Yunus, Owayengungqongqoshe weZangaphandle kwelase China u-Li Zhaoxing kanye naye u-Annan uqobo lwakhe kanye nonkosikazi ka-Nelson Mandela uGraca Machel, ongumholi kwezemfundo nenhlalakahle yabantwana.

uAnnan wayibeka kanje, Njengabadala, ngokubekeka, sinendlela eyahlukile yokubheka izinto kanti futhi siyakholelwa ekutheni kumele sabelane ngayo.

Lomsebenzi ungowokuqala emhlabeni wonke, kuyathakaseleka ukubona izinjulabucopho zabelana ubuhlakani, ukuhlakanipha, ulwazi, abasezingeni lokuphatha amazwe kanye nezinqumo eziphusile zepolitiki ezisheshayo ezithathwa ngamadoda kanye nabesifazane abanempilo ende uma sebendawonye engalingana neminyaka eyinkulungwane ukuba bangakwazi ukuthwala ezinye zezinkinga ezinzima zomhlaba.

Ukusungula lokho kwethulwa ngu Nelson Mandela, Umbhishobhi uDesmond Tutu kanye no Graca Machel.

Ukubhekana Namalungelo Abantu

uNelson Mandela, kwakuhlezi kunguye owayenekhanda eliqinile ekwenzeni kanti futhi enehlo lokugcina nokuphumelelisa ezezimali zalomsebenzi, uMandela wamemezela ukuthi lomsebenzi wawozosekeleka kanjani, wathi laba abadala bebezoxhaswa ngokwezimali ngamunye yiqenjana labanye abasunguli, okubalwa kulo no Richard branson kanye no Peter Gabriel.

Waphinde wakhuluma ngabanye abasunguli: Umsizi ngezimali omkhulu u-Ray Chambers kanye no Michael Chambers; owe Bridgeway Foundation; Pam Omidyar osuka kwi-Humanity United; Amy Robbins; Shashi Ruia usozigidi waseNdiya kwiqembu le Essar; Dick Tarlow; kanye nabe United Nations Foundation. Leliqembu belizohlangan cishe kabili ngonyaka. owayenguMongameli wase Irish uMary Robinson waphakamisa ukuthi umsebenzi bese bevele bewuqalile ngokubhekana nenkinga yokuqala okungeyamalungelo abantu.

Abadala baveza ukuthi bazomemezela emhlabeni wonke Ngamalungelo Abantu nokwakuzomaka ngo 2008 umgubho weminyaka engu 60 kusukela ashicilelwa, kodwa manje bese bezomemezela ukuthi ‘usomqulu oyinto ekhona nengasetshenziswa’.

Nakhu okusunguliwe okumangalisayo, ecatshangisisiwe futhi kuza ngesibindi kulokhu okukuqukethe. Ngokokubheka, ibizoma ukuba ibonakala ukuthi ingabe iqembu leli lizokuzuza yini elikuhlosile nelizibekele kona. Kodwa akukho ukungabaza ukuthi izoba nomthelela onamandla emhlabeni wonkana futhi igcine isiyifa ekutheni uMandela wayenomthelela omngakanani futhi eme kuphi.

Translated by Nokubonga Guliwe

Kofi Annan on Nelson Mandela

uKofi Annan walibamba kahle ithuba lomcimbi, Isifundo sesihlanu sika Nelson Mandela ngomhlaka 22 July 2007....more

Mandela on His Global Leader Project

Kusukela lapho ngiwubonile lomcabango ukhula, uthola isakhiwo kanye namandla uba ngowempela osabalala umhlaba wonke, ‘kusho uMandela...more