I-Mapungubwe Emceleni Womfula iLimpopo

Indawo Yabantu Abazingela Izilwane Ngoku Ngekho Emthethweni

©Roger de la Harpe

Lona umgwaqo ogijimela ogwini lwaseLimpopo. Wasetshenziselwa ukugada umncele ovikelwe kakhulu phakathi kweNingizimu Afrika neZimbabwe, futhi kuyibufakazi bokulwa empini embi eyayihlasela emaceleni omabili omfula. Ngaphambi kwalokho, kwakuyindawo eyintandokazi yabazingeli bezillwane ngokungekho emthethweni eZimbabwe.

Namuhla, izinto zithuli njalo umumo uphephile. Izakhiwo eziningana zamabutho asendulo ziyakhumuzeka kancane kancane emhlabeni, kanti abadobi baseZimbabwe abavela emadolobhaneni aseduze bahamba njalo baya emanzini ukuze bathole ukudoba. Isango elincane emceleni linikeza ithuba lakho kuphela lokuhamba enqenqemeni yeLimpopo, lapho ungaphephezelisa abadobi bese ungena endaweni yesehlakalo. Kuhle. Musa nje ukuyobhukuda noma ungaba yisivakashi esingekho emthethweni eZimbabwe.

Translated by Nsika Khoza