Bushbuck
Unkonka

© Roger de la Harpe

Igama

Unkonka noma Imbabala [Tragelaphus sylvaticus]

Incazelo

Unkonka unobungozi ngoba unamaphondo abukhali. Unkonka uyisihlobo esiseduze kune Kudu ne Nyala. Inqama inhle, inoboya obu ngwevu na nsundu, namachashazi amhlophe ehlombe, nezinyawo ezimhlophe. Ubude bayo ngama 700mm, isisindo ngama 54kg.
Imvukazi incane, mangabe isindala imibala yayo iyakhanya kune yenqama, futhi inamachashazi amhlophe ne migqa ebonakala ka kukhulu. Lezilwane zonke zina machashazi amhlophe emzimbeni, emadlebeni, esilevini, emsileni, nase ntanyeni.
Enqameni lemibala ibonakala kakhulu mangabe zilula iqolo, yileli siko lazo elenza ukuthi lezilwane zigcine zilwa, kungenasidingo.

Ukuzala

Unkonka ukhulelwa izinyanga ezisithupha ukuyosho kwi sikhombisa, ngakho ke uyakhona ukubeletha kabili ngonyaka. Lesilwane sizala kakhulu ngenkathi yemvula. Imvukazi mayiqeda ukuzala ihlanza itakane layo, bese idla i-placenta. Mangabe itakane selinezinyanga ezine, imvukazi iye ilibeke endaweni esithakele, mangabe ihamba iyodla, mayibuya izolincelisa. Imvukazi iye idle ubulongwe be takane layo, ukuligcina liphephile kwizilwanyana ezifana nama bhubesi. Unkonka ulungelwa ukukhulelwa masenezinyaga ezili 11 ukuyosho kwizinyanga ezili 14.

Ukuziphatha

Unkonka uba mtasa ekuseni, nasebusuku. Lesilwane masithukile siye silale phansi noma zikhonkothe. Ngezinye inkathi, siye sinyonyobe siyocasha. Unkonka uchitha isikhathi esiningi emile edla utshani. Lesilwane asinaso indawo ekungesayo ngqo. Yisilwane esithanda ukuhamba sodwa, nemvukazi ayithandi ukuchitha isikhathi eside idla namatakane ayo. Inqama zona azihlangani nhlobo.

Ukuhlala

Unkonka uthanda ukuhlala ehlathini, eduzane kwe ntaba ne mifula. Lesilwane isikhathi esiningi, sitholaka eduze kwendawo ezinamanzi.

Zitholakala kuphi

Lesilwane sinamhloni, sibonakala kakhuu e sub-Saharan Africa. E East Africa sitholakala kwizindawo ezahlukene, kodwa azivami ukubonakala ezigcakeni. Onkonka abafani, umbala wesikhumba sabo uyangokuthi bahlala kwiyiphi indawo. Onkonka abahlala ehlathini banemibala emnyama.

Izitha

Onkonka basebungozini, ngoba ba dliwa ngama bhubesi, izingwe, Hyena nama Cheetah. Inqama mayivinjiwe iyalwa, futhi inobungozi. Ngezinye inkathi izimfene ziye zidle ingane zo nkonka, nangoba nezinye izinkathi lezilwane zihamba zonke.

Izibalo ezibalulekile

Isi Latini: Tragelaphus Scriptus
Isisindo (Imazi): 30 - 36 kg
Isisindo (Inkunzi): 40 - 77 kg
Isikhathi sokukhulelwa: Izinyanga ezisithupha
Inani lamatakane: Linye
Ukuvuthwa: 11 - 14 izinyanga
Isisindo sokuzalwa: 4 kg
I-oda: Artiodactyla
Umndeni: Bovidae
Amaphondo: 40 cm
Ukuzala: Ithole lizalwa noma yinini onyakeni, emveni kokuthi imvukazi ibikhulelwe izinyanga eziyisithupha.
Ukubukeka komzila: 4 - 5 cm ubude. Incane kune Impala.