Barberton Daisy

© Jacques Marais
Barberton Daisy.

Igama

Barberton Daisy or Transvaal Daisy

Igama lesiLatini

Gerbera Jamesonii

Incazelo

Ama-daisy anamahlamvu angakhiwe ngokufana. Lezi zimbali empeleni yizimbali ezakhiwe ngamakhanda ezimbali ezincane (florets) eziningi, eziqinile futhi ezinamathelene. Izimbali zingaba bomvu, phinki, olintshi, noma phuzi, kanti zivela phakathi kukaNcwaba noZibandlela. Isimo sezinhlobo ziyehlukahluka. Izinhlobo eziningi zinamakhanda afana nezinkinobho ngaphandle. Ezinye zihlobe ngamachashazi ukuheha amabhungane apholuthayo. Umndeni wama-daisy ungomunye wemindeni yemifino emikhulu emhlabeni wonke, enezinhlobo ezingaba yizi-23 000.

Imbewu

Imbewu yama-daisy, inoboya obuncane obungathi yi-parachute. Lokhu kuyisiza ekusakazeni umoya kahle.

Amanothi asenkamjini

I-Barberton daisy iyathandwa kakhulu eNingizimu Afrika. Amaqembu amaningi ezemidlalo, njenge-Blue Bulls, asebenzisa le mbali njegophawu lwawo. Ikhona futhi le mbali nasefulegini laseMpumalanga. Le mbali umntu wokuqala ukuyibona kuthiwa nguRobery Jameson, eyibona e-Barberton esifundazweni saseMpumalanga.

Ikhula kuphi

Le mbali Ikhula ikhula kakhulu esifindazweni i-Northern Cape nase-Kruger National Park.

Imbewu

Imbewu yama-daisy inezinto engathi yizinwele futhi ezime ngathi yi-parachute.