Aardwolf
Nehi

© Nigel J Dennis

Igama

Nehi [Proteles cristata]
Lidume ngegama le-Afrikaans Aardwolf elisukela ekutheni inokufana nenja kanti futhi idla izintuthwane izimba edulini.

Ibonakala ngani

INehi linoboya obunsundu, lihlobe ngemigqa emibalwa emnyama, nomsila onoboya obuningi obude obuqinile bese bubamyama ngasekugcineni komsila. Linoboya obuyimigqa emnyama emhlane. Ithimayizwa into eyethusayo besebuphakama. iNehi ukuphakama kwalo ngungalinganiselwa ku 40-50cm, bese kuthi ubude balo ukusuka emahlombe kuya emsileni kube ngango 20-25cm. Selilonke liba ngu 65-80cm ubude ukusuka ekhaleni ukuya emsileni. Linesisindo esingu8-12kg. Ithi ayifane neMpisi encane enemigqa uma uyibuka.

Idla nhloboni yokudla

Loluhlobo lweMpisi engajwayelekile idla izintuthwane. Namazinyo alo ayizicaba ngaphandle kwalawa amane amade okuyenza ingakwazi ukuhlafuna inyama kepha idle izintuthwane kuphela. Isebenzisa amazinyo amade uma ilwelwa noma ivikela indawo yayo kwamanye amaNehi. Lidla izinhlobo ezimbili kuphela lwezintuthwane ezingatholakali ebusika okwenza iNehi lishintshele kolunye uhlobo.

Ngenxa yokudla lezinhlobo ezimbili zezintuthwane iyaphoqeleka ukuthi lihlale endaweni lapho kutholakala khona loluhlobo lwezintuthwane eziningi. Ngobusuku obubodwa uNehi likwazi ukudla 200 000 – 300 000 yezintuthwane. Lisebenzisa ikhono lalo lokulalela ukuthola izintuthwane emhlabathini maqede lisebenzise ulimi lwalo olunamfukayo ukuzidla. Inehi libuye lizidle ezinye izilwane ezifana namagundwane, izinyoni ezincane, amaqanda, kanye nenyama ebolile.

Ukuzala

Lezilwane azihlali ndawonye ezezinsikazi nezamaduna, zinamahloni okwenza kubenzinyana ukuzithola. Ngenxa yokucasha kwazo alukho ulwazi oluningi ngempatho yazo kepha kukholakala ukuthi zenza imidlwane unyaka wonke. Imitha izinsuku ezingu90 kuya ku100 ikhiqize imidlwane emibili kuya kwemine. Uma imidlwane ingasanceli abazali bobabili badlisa imidlwane yazo izintuthwane ezetshisiwe.

Indlela ezizphatha ngayo

iNehi lizingela ukudla ebusuku lodwa, ahlala ndawonye ngesthithi sokukhulisa noma ukwenza imidlwane. Aye abonakale ehamba ngamaqembu amancane noma ngamabili kwezinye izinkathi yize kungavamile. iNehi alikaze lajwayele ukuhamba ngama qembu njengeziMpisi ngengxa yohlobo lwezintuthwane eziizidlayo. iNehi lidla lodwa ngoba alidli inhlobo yokudla okuhlukaniselwayo noma engakwazi ukuphathela amanye Livamise ukuhlala emigodini emikhudlwana noma lihlale emigodini eshiywe iNgungumbane noma iSambane. iNehi liyakwazi ukuzimbela umgodi umangabe aliwutholi elizohlala kuwo.

Izindawo lapho etholakala kuzona

Ayatholakala kusuka empumalanga kuya eningizimu neAfrika, kepha azizwani nezindawo ezingasogwini. Lezilwane aziyona ingozi kanti futhi ziyakwazi ukuphila ezindaweni eziningi ezivulekile, izinezikhotha zikukhonzile ukuzihlalela emigodini. Kunezinhlobo ezimbili zamaNehi eyodwa itholakala eNingizimu Afrika kuthi enye inhlobo itholakale kusukela eTanzania ukunyukela enhla eGibhithe. Ayatholaka ezikhotheni zase Botswana, Karoo nase Northen Cape.

AmaPhuzu Asemqoka

Isisindo seNehi lesifazane
13,5kg
Isisindo seNehi lesilisa
13,5kg
Ubude besifazane
90cm
Ubude besilisa
90cm
Isakhathi sokukhulelwa
Izinyanga ezimbili
Inani lemidlwane eqizwayo
Emibili kuya kwemine
Nhloboni yesilwane
Isilwane esidla ezinye izilwane
Umndeni
Inhlobo yeMpisi

Imizila yezinyawo

iNehi linezinzwane ezinhlanu ezinyaweni zangaphambili kodwa ubhozo wokuqala uphakeme okwenza ungabonakali emzileni, ibese iba nobhozo abane emilenzeni yangemumva. Izinzipho zibukeka izincane uma uzibukela ngenhla kepha ziwungqinsi lazihluma khona uma uzibukela eceleni. Ziqinile indlela ezakheke ngayo ubude bazo bungange 20cm bese zithande ukuqoqana phambili.