Aardvark
Isambane

© Nigel Dennis

Igama

Isambane [Orycteropus afer]

Sibukeka Kanjani

Sinomzimba owu-110cm ubude, kuthi ukuphakama kusuka emahlombe kube wu-60cm, kuthi ubude bomsila bube wu-60cm kuya ku-70cm. Sinesikhumba esibomvana okusampunga noma sibe nsundu okumpungana, noboya obuqinile obuphuzi. Isikhumba siqinile ukuzivikela ezinambuzaneni. Umzimba omncane wesambane unesifumbu.
Imilenze yaso enamandla imbozwe wuboya obumnyamana. Izinyawo zaphambili zineminwe emine kuthi ezangemuva zibe neminwe emihlanu. Sinezinzipho ezinde ezinyaweni zangaphambili zisebenza ukumba. Isambane sisebenzisa izinzipho uma sihamba. Sinekhanda elide elicijile bese sibea namakhala afana nawengulube anoboya obumhlophe obuwu-25mm kuya ku-50mm. Amadlebe makhulu bese ayacija phezulu.
Sinomsila oqinile ocijile ekupheleni. Uphawu olungandile ngesambane ngamazinyo aso, ambalwa uma uqhathanisa nawezinye izilwane ezincelisayo, kuthi kwesindala amazinyo asemhlathini. Amazinyo asemhlathini alokhu ehluma njalo impilo yaso yonke. Amazinyo awakhuli kanye-kanye kodwa ame acija ngaphezulu, awanazo izimpande. Amazinyo awamboziwe okucwebezelayo njengezinye izilwane kepha awaso ambozwe okuthi akufane nosimende.

Sidlani

Isambane sidla izintuthwane nezinye izinhlobo zezinambuzane. Sidla ebusuku silandele umzila oya esidulini sezintuthwane. Sidla sengathi siyashanyela ngekhala laso emhlabathini sihamba amazombe. Sihamba ibanga elingangamakhilomitha awu-16 uma sifuna ukudla ebusuku. Uma sidla, sihlakaza isiduli sezintuthwane ngamazipho azo aqinile. Ulimi lwaso lude ngo-300mm), lunamathe anamfuzelayo okuyiwona abamba izintuthwane maqede zigwinye. Lesi silwane siwakhonzile namakhabe. Amazinyo asemhlathini ayizicaba ukwenzela ukuthi zikwazi ukugaya umzimba oqinile wezi ntuthwane.

Ukuzala

Isambane asiniso izikhathi thizeni sokuzalisana. Sithatha izinyanga eziyisikhombisa bese sizala isambane esisodwa. Isambane esisanda kuzalwa siba bomvana singabinabo noboya. Sihlala emgodini amaviki amabili ngaphambi kokuqala ukuphelezela umama waso ngaphandle. Siqala ukudla okuqinile uma sihlanganisa izinyanga ezintathu siyeke ukunceliswa ezinyangeni eziyisikhombisa. Uma sihlanganisa iminyaka emibili sisuke sesikulungele ukuzala.

Indleza esiphila ngayo

Isambane isilwane esivuka ebusuku, yize kwezinye izinkathi sinokuthamela ilanga lapho umgodi waso uvuleke ngakhona. Emini siyalala sigoqane njengebhola. Siyazimbela umgodi esihlala kuwona sisebenzisa izidladla zangaphambili ukuvukuza inhlabathi ziyitibilele kwezasemuva okuyizona eziyikhiphela emuva nasemaceleni. Isambane siwumbela izizathu ezimbalwa lomgodi, ukuthola ukudla, indawo yokukhosela nokuthi uma sithola abantwana babene ndawo ephephile. Lemigodi ingango 3m ukujula, ibenamagumbi ambalwa kanye nezindawo eziphumelayo ezimbalwa. Kuthi lapho uma isambane sesithuthile imigodi isetshenziswe ezinye izilwane ezifana nengulube yasehlane kanye nokajalasi. Isambane sinekhono elikhulu ekulaleleni ngamadlebe kodwa asiboni kahle emehlweni. Okumangazayo ukuthi isambane sinekhono lokubhukuda. Umakunento esithusayo senza imisindo thizeni.

Izindawo esitholakala kuzona

Isambane sitholakala ezindaweni eyenile kodwa ephinde ibe nomhlabathi othambile, lapho ekwazi khona ukuthola ukudla kanye namanzi. Asizwani nendawo ewugwadule nezinamatshe. Nakuba siyithanda indawo eyenile kepha sivamile ukugwema izindawo ezingamahlathi.