Unogwaja Benyama

© Judy Stuart

Onogwaja Benyama Bofuzolunye

eNingizimu Afrika kunezinhlobo eziningi zemihlambi okungakhethwa kuyo ukufuyela ukukhiqiza inyama. Imihlambi ikhuliswa ngokukhethekile ngokwenjongo kanti futhi uma unogwaja usondelene kakhulu ngokofuzo kumhlambi okhuliswa kuwo kuyaye kuphume omuhle kakhulu umkhiqizo ngakho kubalulekile ukukhetha kumhlambi omuhle uma ubheke umkhiqizo olungile ngasekugcineni.
Uma ufuyela ukuthengisela ngaphakathi kuphela akunandaba ukuthi izidumbu zawo zithe ukwahluka, kodwa uma usufuna ukuthengisela ukwenza inzuzo, kumele uqikelele kakhulu ukuthi umkhiqizo othengiswayo unikeza umthengi okufanayo. Lokhu kungenzeka kuphela uma usebenza ngohlobo lufuzolunye lwezilwane.

Ukuthengiswa kwemfuyo emiselwe ukumithisa kuphela kuyindlela enhle yokungenisa imali uma umithisa onogwaja. Uma lezozilwane kungezeqophelo eliphezulu, ungakwazi ukumisa amanani angcono ngemfuyo ozoyithengisela kohlose ukususela uhlobo olusha olukhethekile.
Imakethe yokuthengiswa kwezikhumba zezilwane yona idinga kumiswe okufanayo ukuze kutholakale amanani aphezulu. Umlimi okhiqiza izikhumba ezisezingeni eliphezulu nezingumumo ofanayo angathengisa imikhiqizo yenani eligculisayo noma athengise izikhumba zazo ezifanayo nalapho angabiza inani eliphezulu kakhulu kunokuba ebezothengisa ezingafani. Onogwaja bolibofuzo lunye abangakhiqiza ohlobo oluludwa.

Onogwaja Bofuzolunye Bokukhiqiza Inyama

Ngaphambi kokuba ukhethe umhlambi, kumele ucabange kuqala indlela efanele yokufuya okuzohlangabezana nezidingo zakho.

New Zealand Whites

Kumazwe onke ama New Zealand Whites asebonakale kaningi ukuthi ayakwazi ukukhiqiza inyama. Asebenza kahle kwindlela yokufuyela ukukhiqiza. Ayakwazi ukuba ngonina abanakekelayo kanti ayakwazi ukukhulisa izingane ezingu 5 - 8 ngasikhathi sinye impela aze afinyelele kwayisishiyagalombili ngonyaka munye, uma befuywe lapho izimo zezulu zivuma.
Lendlela yokufuya idinga amazinga aphakeme okukhiqizwa kwama pellets onogwaja. Imfuyo esencane isuke isikulungele ukuhlatshwa uma isinamasonto ayi10 - 14 wamasonto ubudala kodwa isikhumba sawo asibizi kakhulu.
Uma ubheka ekukhiqizeni onongwaja bokuthengiswa ngaphakathi noma emazweni, ukubondla ngokuhlaza (roughage) kuphela angeke kwanele.

New Zealand Reds

©Judy Stuart
AmaNew Zealand Reds anesikhumba esijiye ngombala obumvu, othi awufane nombala wenyamazane impala. Bayakwazi ukujwayela kakula ukudla okuluhlaza kanti zizalana ngesibalo esiphansi. Abesifazane bakwazi ukubeletha izingane ezingu 5 - 8 ngasikhathi sinye noma bafinyelele kwezine ngesikhathi esisodwa kanye ngonyaka.
Imfuyo yabo esencane ingaphakelwa okusamgqakazo noma izikhunjana ama pellets onogwaja, kodwa isikakhulu kwimifino esalile makuqotshwa noma utshani obomile beqophelo elihle. Basuke sebekulungele ukuhlatshwa uma sebenamasonto ayishumi nesithupha 16 ubudala futhi kubo kutholakala isikhumba esinoboya esiseqophelweni eliphezulu.

Chinchilla Gigantas

©Judy Stuart
AmaChinchilla Giganta ayephuza ukukhulu, aceshe akulungele ukudla okuluhlaza futhi aziwa ngokuteta izingane ezinkulu. Asampunga ngombala (grey) kanti akhiqiza isikhumba esiseqophelweni eliphezulu uma esehlatshiwe nesikhumba sawo sobuntwana sesembozwe ngesobudala.

Californians

AmaCalifornian, angolunye ohlobo oluphuma phambini ekuthengiseni inyama yawo, afuywa kakhulu eMelika ukuthengisa inyama, izidingongqangi zawo zithi azifane nama New Zealand White kanti nawo akhiqiza isikhumba esinoboya obumhlophe.

Cinnamons

©Judy Stuart
AmaCinnamons azidlela ukudla okuluhlaza futhi kulula ukuwafuya. Wona anesikhumba esinoboya obugqizile ne ngemibala esabomvu oxutshwe nongathi owamalahle ashile.

Translated by Nokubonga Guliwe