Unicornfish

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

i-Unicornfish

Igama Lososayensi

Naso

Usayizi

Ungafinyelela ku-1m, ngokujwayelekile kuba wu-40cm

Isakhiwo Sayo

Umzimba mude omise okweqanda, imvamisa iba nophondo ekhanda, igama layo lisukela lapho. Inethambo elicijile ezinqulwini. Imibala yayo iyahluka kusuka konsundu kakhulu kuya kosasiliva ngokucwebezelayo, ophuzi noluhlaza sasibhakabhaka. Amanye anamabala amncane.

Olunye Ulwazi

Izizukulwane zayo zinezinhlobo ezimdibi nazo eziwu-19. Ofishi abakhulu balolu hlobo bavamise ukuzihambela bodwa noma ngababili ezixhotsheni. Kwezinye izikhathi abesilisa baba namazenga ngasemsileni. Ayinalo ulaka, kodwa uma uyichukuluza ingakulimaza kabi. Izalelela emanzini amaningi njengasolwandle.

Ukudla

Idla kakhulu izitshalo nokhula olutholakala olwandle.

Ukusabalala Kwayo

Itholakala ezindaweni ezifudumele emhlabeni jikelele.

Uhlobo Olujwayelekile

I-Bluespine unicornfish
I-Naso unicornis
I-Humpback unicornfish
I-Naso brachycentron
I-Orangespine unicornfish
I-Naso lituratus