Ukugonywa Kwezinkukhu Nokuvikelwa Kwezifo

© Chris Daly

Yize noma ukugoma izinkukhu sekube ithuluzi elinqala kubalimi nabafuyi bezinkukhu njengesivikelo sezifo ezithize kodwa, akukavezi ubufakazi obuqavile bokuthi izinkukhu zingeke zigule. Umgomo thizeni, isibonelo, umiselwe ukuhlasela uhlobo oluthile kwegciwane elibangela isifo, ngakho izinkukhu zisengagula uma kuphinde kubheduka elinye igciwane lesinye isifo. Imigomo isengaphinde ihluleke ukufinyelela ukusebenza ezibilini zomzimba uma kwenzeka kubekhona okungahambanga kahle ngesikhathi ufakwa.

Ukuze uthole imiphumela emihle, kumele loyomgomo ukwazi ukubamba indima enkulu ekuvikeleni izifo futhi lokho kumele kufake ukuvikela ukubhebhetheka kwalolonke uhlobo lamagciwane nezifo (biosecurity), inhlanzeko esezingeni futhi kungabikhona ingcidezi ezofakwa esinkukhiwni lapho kusendaweni yokukhiqiza. Abakhiqizi kumele basebenzisane nodokotela bezilwane ukuhlela umgomo ozoqondiswa ekuhlaseleni izifo esingcuphe nobungozi obukhulu ezithikameza izindawo zabo zokukhiqiza. Uma uthenga amachwane anosuku olulodwa vo ezinkukhu zenyama noma izinkukhu zokubekela amaqanda ezinamasonto angu 18 kumele uqinisekile ukuthi uyasithola isitifiketi sezempilo esiqinisekisayo ukuthi lezo zinkunku sezigonyelwe ukuthi zingangenwa izifo ezithile.

Izindlela Zokwenza Nokufaka

Izindlela ezijwayelekile ezisetshenziswa ukugoma emapulazini afuye izinkukhu ezibekela amaqanda nezifuyelwa inyama ukuthi zigonywe ngokufuthwa ngesisi esinomuthi womgomo, amaconsi athelwa emehlweni noma kumanzi eziwaphuzayo. Indlela yokufutha ingenziwa ngezinga eliphezulu kuhanjiswe ngebhande lomshini amabhokisi anamachwane ethi edlula ebe efafazwa ngezifumshini nomake kwenziwe ngendlela engekho eqophelweni eliphezulu, lapho kuba ngabantu abagaxe izikhwama ezinesifutha bazenzele bona ngokuzifuthela ngezandla zabo. Umikhizo yamaconsi efutha kancane iyona esebenza kangcono kunesifuthi esikhipha amathonsi abanzi.

Izinkukhu kumele zifuthwe ekuseni kakhulu ngaphambi kokuba kuze kuphume ilanga kuqle kushisa futhi kumele kufuthwe lapho umoya uthule. Ngomgomo wamaconsi emehlweni, iconsi elilodwa lomgomo lihlanganiswa namanzi, bese liconsiselwa ehlweni ngalinye lenkukhu, umgomo kumele uhlanganiswe kahle kusetshenziswe nesigujna esincane esifanele ukuqinisekisa ukuthi umgomo ungena kahle.

Umgomo wokuconsisela amehlo usebenza ngokuqavile uma ulawulwe kahle, kodwake abanye abalimi bawuthola ungumsebenzi omingi ngoba kumele kubanjwe zonke izinkukhu ukuze zizogonywa. Iyindlela enhle impela kulabobalimi noma abafuyi abanganazo izinkukhu eziningi noma abangekho ekuhwebeni kukoshinsthisana ngemikhiqizo lapho umsebenzi ungeke uze ubize kakhulu ukuwenza.

Imigomo ingaphindeifakwe ngendlela yokuthi ithelwe emanzini aphuzwayo. Ukuze uthole imiphumela emihle, aboMnyango weZolimo eNingizimu Afrika baluleka abakhiqizi ukuthi bathi ukuwasusa amanzi isikhathi esingamahora amabili, lokhu kwenzela ukuqinisekisa ukuthi izinkukhu zisuke sezomile ngokwanele ngesikhathi zinikezwa amanzi axutshwe nomugomo.

Uma kuwusuku lapho libasile lishisa kakhulu akudingeki ukuthi uwasuse amanzi. Kungadingeka futhi kube kuhle ukuthi wandise izitsha zokuphuzela ukuqinisekisa ukuthi izinkukhu zinendawo eyanele nendlela yokufinyelela emanzini anomgomo. amanzi ajwayelekile angenawo umgomo asengalandela kamuva.

Udayi ungasetshenziswa kuzo zonke lezizinhlobo zokugoma ukukwazi ukukhoba lezo eseziwutholile umgomo wazo nezingakawutholi.

Ukuphumelela

Emva kokugoma, izinkukhu kumele ziqikelelwe ukubona ukuthi umgomo usebenzile yini. Kumele kubekhona okwenzakalayo okungatheni kwizinkukhu emva kwezinsuku ezimbili kuya kwezintathu zigonyiwe, lokhu kungathatha kuze kuphele emva kwezinsuku ezinhlanu kuya kweziyisikhombisa nalapho kuye ngokuthi zithole luphi uhlobo lomgomo.

Kungabakhona izinkomba zalokhu okwenzakalayo kuzo ezinjengokuzwakala uma ziphefumula noma zizwakale ngathi ziyagigitheka, ukunqekuzisa ikhanda, amehlo anamanzi noma izilonjana ezincane. Ukuthathwa kwamagazi ayohlowa nakho kungaphinde kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi umzimba usuwatholile amandla okulwisana nezifo.

Kungenzeka ukuthi umgomo usuke wehlulekile ukusebenza uma kungekho izinkomba ezenzakalayo. Usolwazi ngokufuywa kwezinkukhu noma udokotela wezilwane kungamelwe abizwe uma izinkomba zokuphendula komzimba kumgomo sezithatha isikhathi eside kakhulu ukuphela noma sezimandla ngokungaphezulu kokujwayelekile nokulindelekile.

Ukwahluleka

uAsosiyeshini Wezokufywa Kwezinkukhu eNingizimu Afrika/South African Poultry Association (SAPA) uyaye uhlaluse ngokuthi abantu abenza amaphutha aholela ekutheni imigomo yahluleke ukusebenza. uSAPA unikeza amasu alandelayo okukwazi ukuthola imiphumela eyimpumelelo ngokugoma:

Imigomo eminingi kumele igcinwe kumazinga okushisa aphakathi kwamane 4-8°C. Ngakho, sebenzisa ibhokisi elinesiqandisi ukukwazi ukugcina lamazinga okufudumala afanele ngesikhathi uthutha imigomo ngemoto uphinde uwagcine kwisibandisi (ifiliji) esisebenza ngendlela efanele uma seyifikile epulazini. Qinisekisa ukuthi imigomo ifika isabanda epulazini ebithuthelwa kulo.
Imigomo kumele ivikelwe ekutholeni ilanga nokushisa.
Bhekisisa usuku ephelwelwa ngalo isikhathi sokusebenza kumabhodleyana aqukethe imigomo.
Xuba noma hlanganisa kahle uphinde usebenzise imigomo ngokwemiyalelo.
Umgomo kumele usebenziswe ngokuphuthuma emva kokuba usuhlanganisiwe.
Sebenzisa isilinganiso esifanele nesibekiwe.
Sebenzisa umkhiqizo ofanele, ngoba siningi izinhlobo zamagciwane abanga izifo ezithile.
Sebenzisa imigomo kwisikhathi esibekiwe. Eminye imigomo ayisebenzi kumachwane kanti imigomo yoku-booster nayo kumele ifakwe ngesikhathi esifanele ukukhuthaza umzimba ukulwa nezifo. Akusizi ngalutho futhi ukugoma izinkukhu ngoba sezigula.
Kuqinisekisa ukuthi abantu abafaka besebenzisa imigomo baqeqeshiwe ngokwanele.
Qinisekisa ukuthi zonke izinkukhu zithola isilinganiso esilingana ngokufanele, kunothi ezinye zithole isilinganiso eseqile kuthi ezinye zithole izilinganiso esingaphansi, kakhulukazi uma umgomo ufakwa ngokufutha ngesifafazo noma uxutshwe ngamanzi ezizowaphuza.
Uma kuzofakwa umgomo ngamanzi ezizowaphuza, qinisekisa ukuthi lawomanzi awanayo ikhamikhali i-chlorine ngoba i-chlorine ingabulala izakhi ezisetshenzisiwe uma kwakhiwa, kukhiqizwa umgomo.
Ungazinikezi ama-antibiotics (imithi ehlasela amagciwane anhlobonhlobo) ngesikhathi usebenzisa umgomo ngoba kungenzeka ama-antibiotics ahlasele abulale izakhi zomgomo.
Ungafaki ngaphezu komgomo owodwa ngesikhathi, ngaphandle uma imigomo ixutshaniswe inkampani eyikhiqizayo neyaziwayo.
Ungazigomi izinkukhu eziphethwe ingcindezi ethile, ebangelwa izimo zendawo ezihleli kuyo, ukungondleki ngokufanele, amapharasithiya (izimuncagazi) noma ezinezifo ngoba lezozinkukhu angeke zibe namandla okwakha amasosha omzimba azokwazi ukuphendula ekungeneni komgomo. Ukugoma nakho kungayibhebhethekisa ingcindezi ebezivele zibhekene nayo bese kuholela ekungenweni eminye futhi imikhuhlane.
Gcina amarekhodi emininingwano yokuthi izinkukhu zigonywe nini nokuthi umgomo olandelayo kumele ufakwe nini.

Translated by Nokubonga Guliwe