Ubukhuphekhuphe base Mapungubwe National Park

Gibela Ibhayisikili

Ukugibela ibhayisikili phakathi kwenkunzimalanga zezihlahla - i-baobab - emigwaqweni yokungcola kanye nemigwaqo engcolile, edwaleni, esihlabathini, umzila owodwa emigwaqweni wenza kube mnandi kakhulu ukuhamba ngebhayisikili yezintaba.
©Jacques Marais

Hamba Ngezinyawo

©Roger de la Harpe

Hamba ngendlela yesihlahla eya endaweni yokubukela enikeza imibono ekhangayo eMfuleni eLimpopo eya emzaneni waseZimbabwe naseBotswana lapho ichoba iphuma khona ngokumangalisayo.

Ukuhamba okuqondiswayo kungabuye kuhlelwe ukuya endaweni zamatshe obuciko, indawo yefa leMapungubwe, izinyawo ze-dinosaur (isilwane esikhulu esaphila kudala) noma i-baobab enkulu.

Shayela

©Jacques Marais
Amakhilomitha angamashumi amathathu nanhlanu kusuka emigwaqeni ngaphakathi kwepaki kfanele izimoto ezivamile zesidani, kodwa phambili kwamakhilomitha ayikhulu kufanele imoto enkulu (4x4). Khumbula ukugcwalisa e-Alldays noma e-Musina ngoba awukwazi ukuthenga uphethiloli epaki.

Buka Izinyoni

©Shem Compion
Kori Bustard bird.
Izakhiwo zechoba, amahlathi oMopani kanye nemithi ehlukile yemifula nezihlahla ze-baobab zakha indawo ehlukahlukene lapho izinyoni zikwazi ukufika khona ziyizinhlobo zezinhlobo ezingamakhulu amane, kuhlanganise i-Kori Bustard, i-Tropical Boubou kanye nezikhova.Translated by Nsika Khoza