Swift Tern

© Robert Hofmeyr

Igama

Swift Tern [Greater Crested Tern]

Igama lesiLatin

Sterna bergii

Umndeni

Rynchopidae

Ubude

50 cm

Indawo ehlala kuzona

Zivame ukuhamba ngamaqoqooo ezindaweni ezisogwini.

Umsindo wazo

Ikhala imemeze kakhulu ithi 'kreee-kreee'.

Mayelana nokuzalana

Zizalela ezidlekeni ezakhiwe endaweni eqondile phakathi kukaNdasa noMfumfu. Lezi zinyoni zimba umgodi omncane emhlabathini bese ziwendlala ngotshani. Zizalela iqanda elilodwa noma amabili aluhlaza okwezibhakabhaka ngokuphashile, noma aphinki ngokuphuphile, anamachashaza ansundu.

Amachwane anjani

Aba nomlomo ophuzi nemibala omhlophe nomnyama kwesingenhla, noboya obuphuphuzelayo. Ziyefana eyesilisa neyesifazane.

Ezindala zinjani

Zinemilomo emikhulu ethanda ukugoba. Esiphongweni, emaceleni obuso, emqaleni nangaphansi imhlophe. Ngaphansi kwezinyawo zinombala ophuzi.

Isimo sayo

Ijwayele ukubonakala kuleli.

Atholakala kuphi

Lezi zinyoni zivame ukubonakala eningizimu-ntshonalanga yeKapa kanti zivame ukuhamba ngamaqoqo ogqini nalapho imifula ingenisa olwandle. Zizalela eziqhingini iSchaapen, Marcus, Dyer, Malgas, Meeuw naseRobben Islands. Ziyazishintshashintsha iziqhingi zokuzalela unyaka nonyaka.