Spotted Sandveld Lizard
Igama
Spotted Sandveld Lizard
Uhlobo
Reptilia
Umkhakha
Squamata
Umndeni
Lacertidae
Ubude
80 - 90 mm
Incazelo
I-Spotted Sandveld Lizard yisibankwa esikhulu, esihlala ezindaweni ezinenhlabathi, esinamabala amnyama nomsila owumbala we-olintshi okuxubene nokunsundu. Umhlane waso unemibala onsundu ngokukhanyayo, othanda ukuba bomvana namabala amhloshana akakwe wumbala omnyama. Kokunye le mibala iyahlangana ibe yimigqa elandelanayo.
Indawo ehlala kuyo
Lesi sibankwa sitholakala eningizimu yeMozambique nasezindaweni ezisenyakatho yeKwaZulu-Natali. Siyatholakala naseKalahari kanjalo naseKaokoveld enyakatho yeNamibia.
Ukuzalana
Phakathi kukaNhlolanja noNdasa lesi sibankwa sizalela amaqanda amabili kuya kwayisishiyagalolunye. Emaqandeni kuphuma izibankwa ezincane ezingamamilimitha angama-50.
Ukudla
Lesi sibankwa sidla izicabucabu, ofezela neziye izibankwa.