Soles

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

ama-Soles

Igama lesayensi

Soleidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-30 cm.

Isakhiwo Sawo

Ayisicaba, nomzimba ongathi yiqabunga, izigwedlo zawo ezisesifubeni nasesinqeni zimboze wonke amacala omzimba kuze kufike kulezo ezisemsileni. Anombala ohlukahlukene. Kuba umbala ongathi usasihlabathi, onsundu, amabala aphuzi naluhlaza sasibhakabhaka. Ingaphansi lawo alinawo umbala ocacile.

Olunye Ulwazi

Uhlobo lwe-soleidae lunezizukulwane ezingu-27 nolunye uhlobo oluhambisana nazo olungu-135. Ahlala emanzini. Azalwa enamehlo nhlangoth zombili zekhanda. Iso lesokunxele lishona phezulu ngokushesha uma kuqhamuka into ezoliphazamisa ngezansi. Lolu hlobo lukafishi lukwazi ukuzifihla esihlabathini uma lucuthele inyamazane. Luzalela emanzini.

Ukudla

Lolu hlobo ludla abanye ofishi nezinye izilwane ezingenawo amathambo (izinambuzane).

Ukusabalala Kwawo

Atholakala kuzo zonke izindawo ezifudumele emhlabeni.

Uhlobo Oluvamile

Moses sole - Pardachirus marmoratus
Peacock sole - Pardachirus pavoninus
Sand tonguefish - Cynoglossus capensis