Side-striped Jackal
Ujakalase onemithende

© Shem Compion

Igama

Ujakalase onemithende [Canis adustus]

Ubukeka kanjani

Ujakalase onemithende eceleni yisilwane esibonakala ebusuku, futhi esibukeka ngathi yinja, sinekhanda elingu-650 kuya ku-800mm, bese ubude bomsila ube ngu-300mm kuya ku-400mm. Ubude bamahlombe ngu-400mm kuya ku-500mm, isisindo wu-12kg. Lo jakalase mkhulu kunojakalase ojwayelekile onomhlane omnyama. Umzimba walo jakalase ongwevu, unemigqa emhlophe. Umsila wawo mhlophe, amadlebe ansundu.

Udlani

Ukuba ningi kwale nhlobo yesilwane kwenziwa wukuthi sidla izinhlobo eziningi zokudla, sishintsha indlela yokudla njalo, ukuze sihambisane nendawo esikuyo. Udla amaqanda, izinyoni, izilwane ezinwabuzelayo, ummbila, izithelo, nezinye izilwane ezincane. Ukudla kukajakalase omithende kuhlukile kancane kunokwajakalase onomhlane omnyama.

Bazalana kanjani

Ojakalase bajwayele ukuzala phakathi kukaJuni noJulayi, kodwa nangezinye izinyanga uyazala. Le nhlobo kajakalase ikhulelwa izinsuku eziwu-57 kuya kwezingu-64, bese ngo-Agasti nangoNovemba bazale imidlwane emine kuya kweyisithupha. Imidlwane ezalwe ngonyaka odlule isiza ekukhuliseni leyo eqeda kuzalwa.

Baziphatha

Lesi silwane sinesikhwele esikhulu ngensimu yaso kanti zikhwela isilwane esisodwa. Umdlwane uma usumdala uye uhambe uyoqala imindeni wayo. Ujakalase uthanda ukuhlala ezindaweni ezingamathafa.

Batholakala kuphi

ENinigizimu Afrika, lesi silwane sitholakala KwaZulu-Natali naseMpumalanga, eNyakatho Kapa naseSwazini.

Eminye imininingwane

Ujakalase omithende, ngesikhathi sezithelo udla zona zodwa. Lo jakalase awusona isilwane esizingela izilwane ezinkulu, futhi awuyona ingozi ezindaweni ezinemfuyo, kodwa ngomnyama oyingozi.