Sharpe's Grysbok

© Nigel Dennis

Igama

I-Sharpe's Grysbok noma i-Northern Grysbok [Raphicerus sharpei]

Abukeka

I-Sharpe's Grysbok yisilwane esincane esinamahloni. Sincane kune-Cape Grysbok, okuyiyona enomzimba omkhudlwana kunowe-Sharpe’s Grysbok. Ubude bayo wu-500mm, isisindo sayo ngu-8kg uma isindala. Yinkunzi kuphela enezimpondo eziwu-60mm kuya ku-100mm ubude.

Adlani

I-Sharpe's Grysbok ayinakudla okukhethekile ekudlayo, idla amahlamvu, izihlahla ezincane, izimbali nezitshalo uma zikhona. Ebusuku intshontsha izitshalo emasimini.

Azalana kanjani

Lesi silwane sizala izinyane elilodwa, emveni kwezinyanga eziyisikhombisa. Ngoba lesi yisilwane esifihlayo, akukho okuningi okwaziwayo ngaso.

Aphila kanjani

I-Sharpe's Grysbok yisilwane esithanda ukuhamba sodwa, futhi sithanda ukuthamela ilanga. Sidla ebusuku nasekuseni kuphela.

Zitholakala kuphi

I-Sharpe's Grysbok iyafana ne-Cape Grysbok ngokubukeka. Zombili lezi zinyamazane zitholakala enyakatho-mpumalanga yeMpumalanga ezintabeni zaseLebombo.

Eminye imininingwane

Inkunzi nenkomazi zinamasimu ehlukene, izinsimu zazo zizimaka ngobulongwe. I-Sharpe’s Grysbok ijwayele ukuzifihla kwisambane.