Seamoth

© Johan Boshoff

Igama elijwayelekile

Seamoth

Igama lesayensi

Pegasidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-13cm, ngokujwayelekile kuba wu-10cm

Isakhiwo Sayo

Umzimba oyisicaba, unamazenga anamathambo. Unamaphiko amakhulu asesifubeni enza umzimba wayo ubukeke sengathi uwunxantathu. Inekhala elide nomsila ophakathi noma omude. Umbala wayo uyahlukana, kube ngonsundu nomhlophe nemigqa emnyama. Iyakwazi ukushintsha umbala.

Olunye Ulwazi

Umndeni we-pegasidae unezizukulwane ezimbili nezinye izinhlobo ezinhlanu. Ama-seamoth avamise ukuhamba ngamabili ezindaweni ezigcwele imfucuza nezinesihlabathi. Ihamba ngesingemuva iqhube isifuba phambili. Umsila wayo uyenza ikwazi ukutshuza kalula emanzini. Umlomo wayo wenza kube lula ukugwinya inyamazane. Izalela emanzini amaningi njengasolwandle.

Ukudla

Idla imisundu nezinye izilwanyana ezingenamathambo.

Ukusabalala Kwawo

Itholakala kuzo zonke izindawo ezifudumele emhlabeni jikelele.

Uhlobo Oluvamile

Seamoth (Eurypegasus draconis)