Sandwich Tern

Igama

Sandwich Tern

Igama lesiLatin

Sterna sandvicensis

Umndeni muphi

Rynchopidae

Indawo ezihlala kuzo

Lezi zinyoni zivame ukubonakala zingaqembu amancane ogwini. Zithola ukudla nendawo yokuphumula ezihlabathini zolwandle.

Umsindo wazo

Zenza umsindo othi 'kirrik-kirrik'.

Iba njani endala

I-Sandwich Tern ithe ukuba kundlwana kunama-Tern ajwayelekile. Umhlane wayo uyakhanya kunowamanye ama-Tern alingana nayo. Yehlukile kuma iqhathaniswwa ne-Gullbilled Tern ngoba yona izacile kancane emzimbeni futhi inomlomo omude ocijile, omnyama futhi onombala ophuzi ngasekugcineni.

Ibonakala nini

Ivakashela kuleli ehlobo.

Yande kuphi

Lezi zinyoni yande entsholalanga naseMpumalanga yolwandle i-Atlantic, futhi zifudukela eningizimu. Zivame ukubonakala ogwini lwakuleli unyuka njalo uze ufike eMozambique.