Red Hartebeest
Indluzele Ebomvu

© Shem Compion

Igama

Indluzele Ebomvu (Alcelaphus buselaphus caama)

Ibonakala Kanjani

INdluzele ebomvu inkulu, insundu sakuba bomvu, inomhlane owehlelayo nobuso obungumngcingo. Ubulili bobubili bunezimpondo ezimazenga. Phakathi kwezinhlotshana ezichaziwe e-Afrika, indluzele ebomvu yiyo kuphela etholakala eNingizimu Afrika.
Ngenxa yokwethulwa kabusha emapulazini ezilwane naseziqiwini, isisabalele kakhulu namuhla. Izimpongo ezikhulile zino-150kg wesisindo bese zilinganiselwa ku-1.3 emahlombe, ekubeni amasikazi eno-120kg wesisindo.

Zidlani

Indluzele ebomvu iwuhlobo oluklabayo kakhulu, ithanda utshani obuphakathi nendawo ngobude, futhi iyabuthanda utshani obumila ehlungwini emva kwemvula.

Zizalana Kanjani

Emva kokumitha izinyanga eziyisishagalombili, amazinyane ayazalwa ngalinye esikazini ngaphambi kwezimvula zehlobo. Amazinyane afihlwa ehlathini elicinene isikhashana emva kokuzalwa, ngaphambi kokuthi angene emhlambini.

Ziphila Kanjani

Izimpongo ezithanda ukugweva nezigodi zivame ukuma phezu kwezindunduma ezinkulu bese zibekisa izigodi zazo ngezinqwaba zemisimbane.
Indluzele ebomvu iyashesha ngezinyawo futhi ithanda ukuba semhlambini, itholakala emhlambini efika ku-30. Bheka isigigaba sokuhlangana kwendluzele ebomvu nomgibeli webhayisikili.

Zitholakala Kuphi

Ithanda izifunda ezomile zaseNamibia, eKalahari, eningizimu Botswana nasenyakatho-ntshonalanga yeNingizimu Afrika.

Okuphawulekayo

Igama elithi Hartebeest kwakucatshangwa ukuthi lisho ukuthi izimpondo ezimise okwenhliziyo kodwa manje umcabango osumukeliwe uthi lisuselwa egameni lesiDashi elithi hert okusho ukuthi inyamazane ezimpondo zimagatsha bese u-beest kusho ukuthi isilwane.
Igama elithi hartebeest lasetshenziswa amaBhunu ayecabanga ukuthi lezi zilwane zifana nenyamazane empondo zimagatsha. UHartebeest indlela yesiBhunu yokuthe hartebeest.