
Pyjama Flower
Igama
Pyjama Flower
Igama lesiLathini
Androcymbium Melanthioides
Incazelo
Imbali i-Pyjama iwuhlobo lwekhambi oluhlala isikhathi eside nolungafi kalula. Inezimbande ezincane eziyi-1,5 cm ubukhulu. Uma ihluma le mbali iqala ngaqabunga amade amathathu alinganayo bese iveza namacembe amhlophe anombala oluhlaza onqenqemeni, akake isixhanti sezimbali eziyisithupha.
Le mbali ayijwayelekile ukubonakala, umuntu uthuka nje eseyibona kuhle kwe-water-lily eduze komhlabathi. Lesi sitshalo siqhakaza izimbali phakathi kukaNtulikazi noMandulo.
Ithokalaphi
I-Pyjama itholakala endaweni ewugwadule, ezindaweni ezinamatshe notshani nasemadlelweni.
Olunye ulwazi
I-Pijama iphinde ibizwe ngokuthi yi-Little-men-in-a-boat (Indoda encane esesikebheni) ngenxa yokwakheka kwezimbali zayo.
Le mbali itholakala ezindaweni ezihlukene zaseNingizimu Afrika okubalwa kuzo iMpumalanga neNtsonalanga Kapa, KwaZulu-Natali, Free State, Namibia, Botswana, Zambia naseZimbabwe.