Octopus
Ingwane

© Jean Tresfon

Igama

Ingwane

Igama Lesayensi

Octopoda

Ubude

Inemilenze esuka esentimitheni elilodwa kuya emamitheni amane.

Ibonakala Ngani

Lesi yisilwane esinomzimba othambile nemilenze, eyisishiyagalombili, eyezinsephe ehlangana phakathi nendawo ekhanda. Umlenze ngamunye unemigqa emibili yezinto eziyindilinga zokubambelela. Ingwane inomlomo oqinile, maphakathi nendawo lapho kuhlangana khona imilenze, namehlo amakhulu.

Ulwazi Olwejwayelekile

Ingwane ingaphansi komndeni wezilwane owaziwa nge-Cephalopoda ofaka phakathi i-Cuttlefish, Squid ne-Nautilus. Ikwazi ukushintsha umbala wesikhumba njengonwabu ukuze ingabonakali. Izingwane eziningi zinezingxenye ezintathu. Uma itshuza emanzini, igwinya amanzi ngezimbobo zokuphefumula bese iyawafutha iwakhiphe. Iningi lezingwane likhafula u-ink ukuzivikela uma luhlaselwa. Zizalela amaqanda ziwagaqe aze achamisele. Emuva kokuchamisela kwamaqanda unina wawo uyafa.

Ukudla

Idla izinhlanzi, amashebenisi, izinkalankala, imineke nezinye izilwanyana zasemanzini.

Indawo

Ingwane itholakala kuzona zonke izindawo olwandle, kusukela ezindaweni ezishisayo maphakathi kuya ezindaweni ezisekugcineni phezulu nasekugcineni phansi komhlaba.

Izinhlobo Ezejwayelekile

Giant Pacific octopus
Enteroctopus dofleini
Marbled octopus
Octopus aegina
Red octopus
Octopus cyanea