
Kudu Lily
Igama
Kudu Lily
Igama lesiLatini
Pachypodium saundersii
Incazelo
Lesi yisitshalo esinamaqabunga awugqinsi nesiqu esivokomele namagantsha ayimixhantela (igantsha liphuma kwelinye). Amaqambunga aso aluhlaza ngokuzwebezelayo futhi abamazenga emaceleni. I-Kudu Lilly iveza izimbali ezimhlophe ekwindla.
Indawo yokuhlala
I-Kudu Lily itholakala eziNtabeni zaseLebombo, KwaZulu-Natali, Mpumalanga nasemazweni angomakhelwane iSwaziland neZimbabwe.
Olunye ulwazi
Njengoba lesi sitshalo sikhula kancane sisengcupheni yokulinyazwa wukwanda kwabantu ezindaweni lapho sitholakala khona. Asikwazi ukumelana nokushintsha kwesimo sendawo yingakho kwezinye izindawo siya ngokushabalala.