Impala

© Roger de la Harpe

Igama

Impala [Aepyceros melampus]

Ibonakala kanjani

Iyona nyamazane ejwayeleke kakhulu le ezinkangala zaseNingizimu Afrika. Yinhle, impofu, ebe namabala amhlophe ngaphansi kanti ifinyelela ku-900mm emahlombe. Izinqama ngesisindo ziwu-60kg, kuthi izinsikazi zibe wu-40kg.
Zinomthembe omnyama esuka emhlubulweni kuye ethangeni ngalinye. Imilenze yangemuva inezindlala ngaphansi kwehlathi loboya. Yizinqama kuphela ezinezimpondo, kanti zifinyelela ku-700mm.

Zidlani

Acacia pods and fruits are taken when available. Impala idla izinto ezehlukene. Ihlwaya kokuluhlaza, idle utshani ezimfundeni. Idla izithelo uma zikhona.

Zizalana Kanjani

Ngemva kokumitha izinsuku eziphakathi kuka-194 kuya ku-200, kuzalwa izinyane ekuqaleni kwehlobo. Isithole silungela ukukhwelwa sineminyaka emibili. Izinkunzana ziyakhwela kodwa azivunyelwe ukubangisa izinkunzi.

Ziziphatha Kanjani

Imihlambi ayivamile ukuqhela ngamakhilomitha ayisishiyagalombili lapho kunamanzi khona. Uma zithusiwe, zidume ngokugxuma amangqam’ngqeshe. Zikhwela ekuqaleni kobusika. Izinkunzana zihlala ngemihlambi yezimpohlo kuthi lezo ezinamandla okukhonya, zibe ngodlayedwa ngesikhathi sokukhwela. Izithole ziba semihlambini ekhwelweyo.

Zihlala Kuphi

Indawo eziyithandayo kusezimfundeni enyakatho nasempumalanga eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.

Zidliwa Yini

Impala idliwa yizilwane eziningi ezinkulu ezidla inyama kanti amazinyane ayo adliwa yizinhlwathi. Izimpala zihlale ziqaphele. Uma eyodwa ibona ingozi, ihlaba umkhosi bese uhlakazela umhlambi. Ingenye yezinyamazane okumnandi ukuzibona zeqa amangqam’ngqeshe o-3m kuya ku-12.

Imininingwane Ebalulekile

Igama lesiLathini: Aepyceros melampus
Isisindo (eyesifazane): Wu-40 kg
Isisindo (eyesilisa): Wu-50 kg
Isikhathi Sokumitah: Izinyanga eziwu-6,5
Isibalo Samazinyane: Izinyane elilodwa
Zilungela Nini Ukuzala: Izinyanga ezintathu
Isisindo Sokuzalwa: Wu-5 kg
Uhlelo: Artiodactyla
Umndeni: Bovidae
Izimpondo: Wu-55 cm

Zizala Kanjani

Kuzalwa izinyane elilodwa phakathi kukaSepthemba kuya kuJanuwari ngemva kokumitha izinyanga eziyisithupha.

Imizila

Izinselo zibukhali, zinhle zijice ngo-4cm kuya ku-6cm ubude.

Eminye Imininingwane

Impala ingenye yezinyamazane ezijwayelekile emaqeleni ase-Afrika kanti ike ibizwe ngeMcDonald’s yasehlathi ngenxa yokuba yinyamazane edumile. Omaka abagqamile emhlubulweni bathi abafane nophawu lwenkampani.