Imakethe Yabafuyi

© Chris Daly

Udinga ukucophelela uma ufuna ukuphumelela njengomfuyi wezinkukhu, njengoba imakethe yezindlela zokuhweba ilawulwa amabhizinisi amakhulu. UMick Bosch waseBosschveld Chickens uthi kunezinselelo ezimbili lapho egxile kulo makethe: Okokuqala akuvamile ukuthi umuntu omusha angenele ukuncintisana nabaholi emakethe aqinisekile; futhi okwesibili izinkukhu zokuthengisa zikhiqiza kahle ngaphansi kwezimo ezilawulwe ngokuqinile ezibiza kakhulu ukuqala phansi - cabanga ngezigidi zamaRandi.

Imakethe Engakahleleki

©Chris Daly
Umqondo ongcono kungaba ukukhomba emakethe yezinhlobo zezinkukhu zase Ningizimu Africa noma ezixubene nezapesheya,njengeBossch, i-Australorp, i-Koekoek ne-Island Red. Lezi nhlobo zezinkukhu zingase zingakhuli ngokushesha uma kuqhathaniswa nezohwebo futhi zingase ziqale ukubeka amaqanda ambalwa ngesilinganiso esincane kodwa azitholi ukuhlaselwa izifo kalula futhi ziyakwazi ukuphumelela ngaphansi kwezimo ezibucayi kakhulu ngaphezu kwezohwebo - ngisho noma zishiywe ukuhamba ngokukhululekile njengoba izinkukhu zasemaphandleni zithola lutho.
Lezi zinyoni, ngokusho kukaBosch, zifunwa kakhulu, ngokukhiqizwa kwezinkukhu zasemzini nasemisebenzini emincane yasemaphandleni. Ngesikhathi sokubhala, wayetikitana nokuhambisana nesidingo emakethe yase-Afrika, ngakho-ke kukhona futhi okuhle okuthekelisa ngalezi zinyoni.
UBosch weluleka abalimi ukuba bahlole kuqala imakethe bese beqala kancane, bathi ngezinkukhu ezingaba amakhulu amahlanu, bese bekhula ibhizinisi njengoba kudingekile ukukhula. Ukuqala ibhizinisi kakhulu kakhulu, kungabangela umlimi ehlezi "nezinyoni ezingafuneki". Izinkukhu zingathengiswa uma zinezinsuku eziningana zabakhiqizi benkukhu ezikhiqizelwa ukudla, endaweni ethile phakathi kwamasonto ayishumi nesishiyagalombili namasonto angamashumi amabili nanye ubudala ngokuya kohlobo. Ingane zenkukhu zingathengiswa njengezinkukhu eziphilayo uma cishe amasonto yishumi nambili ubudala.

Engeza Ubugugu

Izinyoni nezinkukhu ezizalisayo zizokwenza kangcono uma zithola ukudla okuhloswe ekuthuthukiseni ukusebenza kwazo, kodwa zizokwenza kahle uma zishiywa ukuzondla zodwa. Izinyoni ezishiywe ukuzula futhi zihamba yonke indawo ngaphandle kwemingcele, ziyakhathazeka kakhulu ezifweni, ukulimala kanye nokudliwa yizilwane.
Ubugugu bungafakwa ezinkukhwini zasendulo ngokuzigoma ngokulwa nesifo sokucinana kwemithanjana yomoya emaphashini ngaphambi kokuzithengisa. Izakhi kufanele zigonywe ngokumelene nezifo ezithathelwanayo zokuxhashazwa (Gumboro) noCoryza ngaphambi kokuba zithengiswe. Ukunikezela emakethe ngezinkukhu ezinamandla ezinempilo ezigonywe ngokumelene nezinkinga ezinkulu zesifo, kuzokusiza ukwakha idumela elihle lebhizinisi futhi kubangele ukuthengisa okuphindaphindiwe namakhasimende amasha ngenxa yomthelela wokukhangisa "ngezwi lomlomo".
Khumbula ukuthi uphathe ngokucophelela ukukhetha kwakho kwezinkukhu ezisanda kuzalwa ukuze usebenzise izinkukhu ukuvimbela ukubola, okuzokwenza isikhathi esengeziwe sibe nomthelela omubi ekukhiqizeni, ukukhiqiza futhi kubangele ukukhubazeka.

Translated by Nsika Khoza