Goatfish
Igama
I-Goatfish
Igama lesayensi
Mullidae
Ubude
Ejwayelekile ingamasentimitha awu-35, ingakhula ize ifike kwawu-60.
Ibonakala ngani
Le nhlanzi inomzimba olulekile namadevu amabili kabhabuli emaceleni omlomo. Isigwedlo sasemsileni simise okwebhaxa kanti esasemhlane agqaqgene. Inezinga ezinkulu. Imibala yale nhlanzi iyashiyana kusukela koyisiliva nomnyama kuya kophuzi ngokugqamile.
Ulwazi olwejwayelekile
Umndeni wezinhlanzi i-Mullidae unemikhakha eyisithupha nezinhlobo eziwu-55. Lezi zinhlanzi zithola ukudla esihlabathini phansi olwande. Amadevu kabhabuli asebenza ukuzwa umkhondo wezilwanyana ezicasha esihlabathini. Ezesilisa ziphinde ziwasebenzise ukuheha ezesifazane. Zivame ukuhamba zibe yizixukwana. Kwesinye isikhathi zitholakala zihamba nezinye izinhlanzi. Uma zizalela amaqanda, ziyawasaphaza emanzini.
Ukudla
Le nhlanzi idla oshebenisi nezinkalankala, kanjalo nezilwanyana ezidla izitshalo zasemanzini njengeminyundu.
Indawo
Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga okushisa aphezulu.
Izinhlobo ezejwayelekile
Blacksaddle goatfish - Parupeneus rubescens
Double-bar goatfish - Parupeneus bifasiatus
Flame goatfish - Mulloides vanicolensis