Foxtail Buffalo Grass

© N.Dreber

Igama

Foxtail Buffalo Grass

Igama lesiLatini

Cenchrus ciliaris

Ukusetshenziswa

Lobu wutshali obuthandekayo ezilwaneni ezidla utshani. Bukhula amaqabunga amaningi. Izilwane lobu tshani zibuthanda uma busanda kuhluma, uma sebubudala abuthandeki. I-Foxtail Buffalo Grass kuba nzima ukuyitshala endaweni enobumba kodwa uma seyitshalekile ikhula kahle.

Incazelo

Lobu tshani bukhula buze bube yimitha elilodwa ubude. Bukula bube yiziqundu futhi bunamaqabunga angamamilimitha ayisishiyagalombili ubukhulu. Imbali yakhona yintshakaza eziyisixhanti emise okwendilinga ewumgxusha. Kulezi zixhanti yilapho kutholakala khona imbewu. Izilwane ezidla utshani zibukhonzile lezi izilwane.

Indawo

I-Foxtail Buffalo Grass ivame ukukhula ezindaweni ezomile futhi ezifudumele. Lobu tshani bukhula kulo lonke uhlobo lomhlabathi, kodwa bande kakhulu ezihlabathini nasemhlabathini ongawagcini amanzi amaningi. Butholakala ezindaweni ezinigi maphakathi naseningizimu ye-Afrika naseMediterranean.

Izimbali

Eningizumu Afrika lobu tshani buqhakaza ngoNcwaba kuya kuMbaso.

Olunye ulwazi

I-Foxtail Buffalo wuhlobo lotshani obukwaziyo ukubekezelela isomiso futhi butholakala ezindaweni ezomile. Lobu tshani sebuyatshalwa nasemazweni anjengo-Australia lapho busetshenziswa ukondla imfuyo.