Dwarf Mongoose
Uchakide

© Nigel Dennis

Igama

Uchakide (helogale parvula)

Ibonakala Kanjani

Uchakide uwona omncane kunazi zonke emndenini wamaMongoose abesilisa nesifazane banesisindo esingu 350-400gr. Zinobude obuyi250mm umsila ungangomzimba ubude. Zifika ebudale umazifika eminyakeni engu2. Umbala wazo uyafana umzimba wonke ubampofu okukhanyayo noma okumnyamana.

Zidla Nhloboni Yokudla

Zidla amabhungayezi, izintuthwane nezintethe.kwesinye iikhathi zimbaphansi ukuze zithole ukudla.Zihlezi zibhekile izilwane eziyingozi. Izilwane ezincane zizidla kwezinye izinkathi.

Mayelana Nokuzala

Emuva kokukhulwelwa izinsuku izala izingane ezingu2-3. Zizala ngezinkathi zemvula onyakeni. Abazali abahola iqembu kuphela abazalayo laba anbanye basiza ukukhulisa izingane kuphela. Abazali abangenabo abasizi bakuthola kunzima ukukhulisa izingane.

Iindlela Eziphila Ngayo

Ziyakwazi ukuphila emini nasebusuku, zithanda ukuphila ngamaqembu. Amaqembu ayahlukana akwazi ukufika enani le20. Ebusuku asebenzisa izidindi zezintuthwane ezingasetshenziswa.

Ziphila Kanjani

Uchakide uthanda ukuhlala ezikhotheni ezivilekile namahlathi avulekile.

Zitholakala Kuphi

Zitholakala ezindawen ezifana no Northern kuya koNorthwersen Provinces, Mpumalanga, ngenhla kweKwazulu Natal. Zincgwele futhi nasemazweni angenhla kweAfrika.

Amaphuzu Abalulekile

Isisindo sesifazane: 210 - 340 g
Isisindo sesilisa: 210 - 340 g
Ubude besifazane: 18 - 28 cm
Ubude besilisa: 18 - 28 cm
Isikhathi sokukhulelwa: 1,5 Izinyanga
Nani lezingane: 2 - 4 young
Inhlobo: Carnivora
Umndeni: Viverridae

Inani Lezingane

Izala inani lezingane ezingu2. Phakathi kwaMfumfu noNdasa emuva kokukhulelwa amaviki angu8.

Imizia Yezinyawo

Inibhozo abahlanu ezinyaweni zangaphambili, owokuqala mncane uhlala emuva konyawo. Ophakathi nandawo phambili uqondanenosemuva ubonakala isilwane umasihamba kancane. Awubonakali isilwane umasigijima. Emuva kunobhozo abahlanu kephakulona owokuqala osemuva konyawo kubonakalaizinzipho kuphela, zinde zingobile phambili futhi zinsolo nobude obungange 10cm. Izona emba ngazo.