Dorid Nudibranch
Igama
Nudibranch – Typical Dorid
Isiteketiso
Sea slugs
Igama lesayensi
Doridina
Ubude
Ejwayelekile ingamasentimitha ayisikhombisa, kodwa ingakhula ize ibe angama-50.
Ibinakala ngani
Lesi silwanyana sinomzimba ofana nowomneke kodwa ongenalo igobolondo. Sinonyawo olukhulu nomzimba obushelelezi. Sinezimbobo zokuphefumula ezigqamile ngemuva nezimpondo ezimbili ngaphambili ekhanda. Imibala yalesi silwane iyashiyana kusukela komhlophe nophuzi kuya koyi-olintshi oyela komnyama nokuhlaza sasibhakabhaka.
Ulwazi olwejwayelekile
Ama-Doridina angaphansi komndeni wezilwane ezaziwa nge-Opisthobranchia. Igama elithi ‘nudibranch’ lisho ama-gill noma izimbobo zokuphefumula ezihleli obala. Lezi zimbobo, ezikake imbobo yokuzikhulula, kokunye ziba nombala ongafani nomzimba. Ezinye izinhlobo zalesi silwane zinobuthi ngenza yokudla ezikudlayo. Sisodwa siba nabo bobubili ubulili, obesilisa nobesifazane. Uma sizalela sisaphaza ulwelwe olunoxhakaxhaka lwamaqanda.
Ukudla
Izipontshi zasolwandle nezilwanyana ezingenamathambo ezifana nama-soft coral, anemones nama-hydroids.
Indawo
Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.
Izinhlobo ezekwayelekile
Gem sea slug (Chromodoris geminus)
Dorid sp (Nembrotha purpureolineata)
Spanish dancer (Hexabranchus sanguineus)