Creeping Bristle Grass
Igama
Creeping Bristle Grass
Igama lesiLatini
Setaria sphacelata var. torta
Ukusetshenziswa
Lobu tshani izilwane ziyathanda ukubudla, yize bungakhiqizi amaqabunga amaningi. Iziqu zabo ezinaba ngaphansi komhlabathi zisiza lobu tshani benze umsebenzi omkhulu wokubamba umhlabathi ungaguguleki.
Incazelo
Lobu tshani bungakhula buze bube nguhhafu wemitha ubude. Bukhula busabalale emhlabathi kanti kokunye buyakhula bube yiziqundu. Isiqu, esinaba phansi komhlabathi, sifushane. Imvamisa amaqabunda alobu tshani aminyene kakhulu phansi kunaphezulu.
Indawo obukhula kuyo
Bukhula ezindaweni ezinamadwala nasemhlabathini ongavundile. Benza umsebenzi obalulekile wokugcina umhlabathi ngenxa yesiqu nezimbande ezihamba ngaphansi. Buvamile ezindaweni ezimaphakathi ne-Afrika.
Izimbali
Lobu tshani buqhakaza izimbali kusukela ngoMandulo kuya kuNdasa.