Cordgrass

Igama

Cordgrass

Igama lesiLatini

Spartina maritima

Indawo etholakala kuyo

I-Cordgrass wutshani obejwayelekie eNorth naseSouth America, ezingxenyeni ezithile e-Europhe, naseWest Africa. Kodwa kukholakala ukuthi akubona obokudabuka eningizimu ye-Afrika ngenxa yokuthi butholakala ogwini olusentsholalanga kuphela. Buvame kakhulu eduze kolwandle ogwini eluseningizimu-ntshonalanga noluseningizimu-mpumalanga lapho bukhula buminyane.

Incazelo

Lobu tshani bukhula bube yisixhanti samaqabunga azacile, anameva, aqinile futhi agoqene. Ikhanda lembali linezingxenye ezimbili ezihlangene. Ukuphakama kwalobu tshani buyafika kumasentimitha angama-40.

Olunye ulwazi

Sekwenzeke kaningi emhlabeni wonke jikelele ukuthi lobu tshani buxubane nobunye bese kwakheka olunye uhlobo lotshani. Akwaziwa ukuthi lobu tshani bafika kanjani ogwini oluseningizimu ye-Afrika kodwa kunezinkolelo zokuthi babunamathela emikhunjini eyayidlula ivela eWest Afrika.