i-Brinjal

© Louise Brodie
Igama lesayensi: Solanum melongena Igama elivamile: iBrinjal, Aubergine noma isitshalo seqanda

Incazelo Yesitshalo

I-Brinjal isitshalo esinamaqabunga amakhulu aluhlaza. Ikhula cishe ubude bemitha eyodwa. Izimbali ngaphambi kwezithelo zisetshenzisiwe zibomvu. Isithelo sinsomi futhi izinhlobo ezithile zimhlophe ngakho-ke igama elithi qanda ngoba isiyingelezi esifana neqanda.

Ukusetshenziswa

Isitshalo seqanda noma i-Brinjal idliwa iqoshiwe, igxilwe, yosiwe, isetshenziselwa usobho nokupheka okuhlukehlukene.

Izidingo Zomhlabathi Nokulungiselela

I-Brinjal ikhetha indawo enhlabathini yefenya. Lesi sitshalo sikhula kahle emhlabathini one-pH ephakathi kuka-5.5 no-6.5. Inhlabathi kumele ilungiselelwe ngokwemvelu u-40 cm ophezulu njengoba yilapho izimpande kakhulu zakhiwa khona.

Ngaphambi kokufaka umquba wenkambu kufanele ulime ukujula okungango-100 cm njengoba ezinye izimpande zeBrinjal zingahle zibe ngaphansi kwamamitha angaphezu kweyodwa.

Indawo yesitshalo kufanele ihlonywe ukuqinisekisa ukuthi inhlabathi ephezulu ihlanzekile njalo ileveli. Abanye abatshali batshala emibhedeni ephakanyisiwe ukuze amanze angene kahle emhlabathini.

Isimo sezulu

I-Brinjal isitshalo sezulu esishisayo futhi ivela futhi ihamba phambili ezindaweni ezifudumele nasezindaweni ezishisayo. Ikhulile futhi ezindaweni ezifudumele zaseMedithera.

Izwela ukuqina kwesithwathwa nokukhula nentuthuko ihlehliswa emazingeni okushisa angaphansi kwe-16°C. Futhi akwenzi kahle uma izinga lokushisa lingaphezu kwama-35°C.

Imiphumela emihle ifinyeleleka lapho iBrinjal itshalwe ezindaweni lapho ubusuku nemini izinga lokushisa lishintsha phakathi kuka-18°C no-28°C.

Izinhlobo Zezitshalo

King Black, Beauty Black, Florida Market, Long Purple, Imperial, Amancane Little fingers.Translated by Nsika Khoza