Blood Lily

© Nigel Dennis
Blood Lily.

Igama

Blood Lily

Igama lesiLatini

Scadoxus Puniceus (Haemanthus Magnificus)

Incazelo

I-blood lily yimbali enhle kakhulu. Ikhula ize ibe ngamamilimitha angama-500 ukuphakama. Le mbali umbala wayo ubomvu bese isiqu siyingcxube yombala obomvu nonsundu. Amahlamvu angumbala oluhlaza okhanyayo. I-inflorescence yayo yinhle kakhulu, ububanzi bayo bungamamilimitha ayi-150. Ama-bracts ayo anokubomvu nokunsundu kanti azungeze indawo yembali ewolintshi sakubomvu. Isikhathi sayo sokuqhakaza ngu-Mfumfu.

Lapho ezikhula khona

Zikhula emthunzini, emadlelweni nasezindaweni ezinamatshe. Zikhula ezifundazweni ezisenyakatho eNingizimu Afrika, zikhuphuke njalo ukuyosho enyakatho eTanzania.

Imbewu

Inezithelo ezibomvu, ezithanda ukudliwa izinyoni yizingwejeje.

Olunye Ulwazi

I-bloody lily, futhi eyaziwa njengeHaemanthus magnificus, ayibalwa nezitshalo ezifana nayo ngenxa yokuthi amaqabunga ayo aneziqu. Ama-bulb ayo, anobuthi obuyingozi mengabe esetsheniswa ngamanani aphezulu. Izimpande zayo zilapha imkhuhlane, i-asthma nochoko.