Blesbok

© Roger de la Harpe

Igama

Blesbok (Damaliscus pygargus phillipsi)

Ukubukeka

Ngokomzimba, Izinqama ne zimvukazi, ziyafana kakhulu. Isisisondo zaso siya fika kuma kilogram angama 85. I-Blesbok inebala elimhlophe ebusweni, nomgqa oqondile onsundu ophakathi kwamehlo. Ibala lomzimba wayo unsundu, umhlane wayo uyakhanya, isinqe naso singumbala onsundu, kodwa okhanya kakhulu kunalo osemhlana. Inamabala amhlophe emilenzeni. Bobubili lobulili bunamaphondo anxazonke. Amaphondo emvukazi azacile kunawe nqama.

Ukudla

I-Blesbok yisilwane esithanda utshani, ikakhulukazi olufushane, olumila kwinsimi ibikade ishile.

Ukuzala

I-Blesbok izala ngenkathi ezithize onyakeni. Ziya ocansini ngo Mashi nango Meyi. Zizala kakhulu ngo Novemba nango Disemba, emuveni kokuthi ibikhulelwe izinsuku ezingama 240. Zizala ichwane elilodwa ngesikhathi.

Ukuziphatha

I-Blesbok iyisihlobo se Bontebok. Kudala lezilwane zombili zazingahlangani. Kodwa manje kutholakala ukuthi i-Blesbok iyaya ocansini ne Bontebok. Zithanda ukuhlala endaweni ezinotshani namanzi.

Zitholakala kuphi

I-Blesbok isitholakala emIningizimu Afrika kuphela. Ngokomlando lesilwane sisuka e Eastern Cape, Free State, Transvaal, na KwaZulu-Natal, ukuyosho phezulu e Tugela River, ukuyongena e Lesotho, ezintabeni zase Maluti. Kudala ngonyaka ngo 1893 lezilwane zazitholaka ezinkambini zase Afrika kodwa ngoba abantu babefuna izikhumba nenyama yazo baqala ukuzizingela, inani lazo laya lisehla.
Manje seliphinde lenyuka futhi, ngenxa yokuthi siyalondolozwa emaplazini. Namuhla sitholakala siyimihlambi embalwa, inani lawo kuthiwa liyafika kwizinkulungwane ezingango 120 0000.

Amanothi asenkambini

Lesilwane ngoba sihlobene kakhulu ne Bontebok, ososayensi bayazihlanganisa (interbreeding) sekuze kwafikela ekutheni akusazeki ukuthi yesiphi isilwane ezinguwo ungqo. Igama lalesilwane lisuka kwisi Dutch (glaze), lichaza lokukhanya kwebala laso elisebusweni.