Black Wildebeest
I-Black Wildebeest noma i-White-tailed gnu

© Peter Delaney

Igama

I-Black Wildebeest noma i-White-tailed gnu (Connochaetes gnou)

Ukubukeka

I-Black Wildebeest inomzimba onsundu nampisholo, bese ibanoboya obude nomsila ongathi umhlophe. Bobubili lobulili bunamaphondo agobile futhi abheke phambili. Inkunzi ubude bayo ngu 1.2 wama mitha emahlombeni, isisindo sayo ngama 161kg. Imazi yona ingu 1.16 wama mitha ehlombe, bese isisindo sayo sibe ngama 130kg. Amaphondo amathole alesisilwane akhula eqondile, bese ke masesinenyanga ezisishagalolunye aqale ukugoba.

Ukudla

Lesisilwane sithanda kakhulu ukudla utshani, kodwa ngezinye izikhathi idla amakhambi nama karroid.

Ukuziphatha

Kunezinhlobo ezinthathu zemihlambi zama Wildebeest, umhlambi wokuqala yizinkunzi ezibanomkhiphiswano wokuthola izimazi, umhlambi we zimazi, bese kubakhona umhlambi wama soka. Inkunzi okuyizo eziphethe zihlala kwinsimu ezahlukene, inkuzi ezindala zona azihlali nomphakathi zihlala zodwa. Lesilwane sithanda ukuhlala kwindawo ezisekubonakaleni ukuze zihlale ziphephile.

Ukuhlala

Zithanda ukuhlala endaweni ezinotshani. Lezilwane aziyilokothi izindawo ezinezihlahla eziningi, namahlathi.

Zitholakala kuphi

I-Black Wildebeest igcwele emIningizimu Afrika. Kudala lesilwane sasihlala ezinkambini zase Northern Cape, e Free State, e Transvaal, western Lesotho, western Swaziland nase Drakensberg KwaZulu-Natal. Ubuningi bayo bungama 12 000, lesilwane asindingi ukulondolozwa ngoba siphephile.

Amanothi asenkambini

Ngenxa yokuthi abalimi babe dinga indawo zokulima, lezilwane zathathwa zafakwa ku ma game farm, lapho ezikhuliselwa khona. Ezinye ziye zithathwe zisiwe e Kenya. Lesilwane asisafuduki njengoba i-Blue Wildebeest iyenza, kwezinye indawo.