Ngabona uNelson Mandela esemsebenzini enkantolo emva kokuba umbhikisho wabantu besifazane owawumelene nemithetho eyayilawula amapasi sewenzekile ngo 1959. Isidingo sokuba abantu abamnyama kwakumele baphathe amapasi khathi zonke noma babhekane nokuboshwa sase sidluliselwe ngisho nakubantu besifazane: izinkulungwane zaboshwa ngoba zizwakalisa ukumelana kwabo okuqinile ngalokhu.
Ngangiyintatheli esencane yephephandaba i-Rand Daily Mail ngisafunda ukusebenza ngicoshele izindaba enkantolo kamantshi. Ngase ngivele ngazana noMandela wabe esengitshela ukuthi inqwaba yamacala abantu besifazane ababeboshiwe ayequlwa eginjini elisezansi nesakhiwo lapha bebetokiswe khona nokuthi abezindaba babengavumelekile ukuba yingxenye yokulalelwa kwalamacala. Lokhu, mina naye savumelana ukuthi kwakukubi ukuba kwenziwe abezomthetho.
Ngabe sengiya kobona imantshi enkulu ngabeka isikhalazo sami, ngayazisa futhi ukuthi ngangihlela ukufaka isicelo nakwinkantolo enkulu. Ukulalelwa kwamacala kwabe sekuvulelwa abezindaba ngokushesha. Kusukela lapho, cishe amasonto alandelayo ayisithupha, Ngahlala kanye noMandela kanye nabanye abameli abalwa ukwenzela ukuba amacala ayebeke abesifazane esulwe nomake bathole isigwebo esithambile.
Ngemuva kweminyaka eyishumi uMandela eseyisiboshwa ejele lase Robben Island (esiqhingini), wangibhalela incwadi. Ekholwa impela ukuthi kugenzeka abasemagunyeni banganginikezi yona wabe eseyethula ngegama lomunye umuntu. Isu lokuthi yayiqondiswe kubani lalifihlwe phakathi kuyo incwadi ngoba wabhala ngokwenzeka ngokuphoqa iminyango kamantshi ukuba ivulele abezindaba.
Incwadi yadluliswa kusukela komunye umuntu kuye komunye bezama ukuthola ukuthi ingekabani, ekugcineni yafinyelela kimi emva kwezinyanga ezimbalwa.
Translated by Nokubonga Guliwe