Amazenze.

© Chris Daly

Njengamakati nezinja, izinkukhu ziyakwazi ukuthi zingenwe amazenze.

Abukeka kanjani?

Lamapharasithiya alumayo angabanombala obomvu, omsundu noma omnyama kuye ngokuthi owaluphi uhlobo lokuzalana. Uma esikhule ngokwanele aba ku 1.5 mm kuya ku 4mm ubude, ayisicaba nezinyawawo zangemuva uma sezikhule kahle ziwavumela ukuthi anyakaze kalule ukusuka kwesinye isilwane aye kwesinye. Awesifazane akwazi ukuzalela cishe amaqanda ayikhulu ngosuku kwizilwane akuzo, kwizindawo eziqhekekile kanye nakwimifantu eseduze nendawo okuhlala kuyo izilwane.uma izimo ziwavumela ukuzalana kungaqhubeka izinyanga.
Amaphuphu awo angathatha izinsuku ezimbili ukuchamisela amaqanda. Adla indle egcwele igazi yamazenze asekhulile nokunye okuvela kokwake kwaphila. Athanda ukuba namahlonyana ingakho ehlala ezindaweni ezikayekile nakwizidleke. Anezigaba ezintathu zokukhula kusukela kumaphuphu athatha phakathi kwezinsuku eziyisishiyagalolunye kuya kwezingamakhulu amabili ukukhula ngokugcwele kuyeke nomthelela wezimo zezulu.
Uma iphuphu selikhule ngokugcwele lingaba ngu 6mm ubude lokhu kwenzeka ngesikhathi liyeza selingena kwisigaba sokukhulu okungatheni nakho. Isigaba sokukhula okungatheni sithatha isinsuku ezingu 21 ukuphelela. Ukuzalana nokukhula ngokuphelele kungaphelela phakathi kwizinsuku ezingu 18 kuya kwizinyanga ezimbalwa.
Stick tight flea (amazenze anamathelayo) aphindwe aziwe ngokuthi ama stick fast (anamathela ngokushesha) avamise ukutholakala kwizinkukhu, kodwa awakhethi kakhulu ukuthi ahlala kwesiphi isilwanze ngakho uyawathola enamathele kwisikhumba sezinja, amakati, abantu nakwenzinye izilwane. Awesifazane ayakwazi ukugqobhoza isikhumba sesilwane akhele kuso aze agcine esevele ngomhlane. Kunzima ukuwesusa, ngisho noma esefile ingakho kuvamise ukwenziwa kwephutha lokuthi aphanjaniswe namakhizane. Ayaluma kabuhlungu kanti izilonjana zokuluma kwawo zingabhibha.
Amazenze ayakwazi ukubonakala ngehlo lemvelo, ayathanda ukunamathela kwizikhumba zogedla lwenkukhu kanye nezikhumba ezizungeze amehlo.

Izinkomba Zokubheduka?

Izinkomba zokubheduka kungabalwa kuzo ukuzinywaya njalonjalo nokuqhaqhazela kanye namabalana amnyama ngasemehlweni, izikhumba ezilenga enyanyezi nakugedla ekhanda. Izikhukhu zingancipha isisindo somzimba aphinde aqhothuke izimpaphe kubonakale umzimba. izikhumba ezilenga enyanyezi nakugedla ekhanda kungabonakala kunesifo sokuphelelwa igazi i-anaemia.

Translated by Nokubonga Guliwe