Amapharasathiya Angaphandle

© Roger de la Harpe
Bont Tick (Amblyomma hebreaum) found in short pasture targets birds and mammals.

Kudala, abalimi kungenzeka ukuthi babengakhathazeki kakhulu ngama pharasithiya anjengezintwala, ubutata, amakhizane, amazeze nezimpukane. Lezizinambuzane azibangeli nje kuphela ukungahlaliseki kahle kodwa ziphinde zibe nomthelela omubi kwimpilo enhle yezinkukhu, ekukhuleni kwazo kanye nokukhiqizwa kwamaqanda. Uma seziziningi kakhulu ngesinye isikhathi zingabangela ngisho ukufa, isikakhulukazi kwamachwane ngoba wona asengcupheni.
Izikukhu ziyaye zitheleleke uma kwenzeka zihlangana zithintane nezinye izilwane ezinobutata njengamagundane nezinye futhi izinkukhu noma impahla enjengamakesi.Embonini yokukhiqiza izinkukhu eziningi zigcinwa ndawonye ziminyane,abalimi kumele baqikelele kakhulu njengoba ukuthelelana kungabhebhetheka okomlilo wequbula. Abalimi abagcina izikukhu zasekhaya nezasendle kumele nabo njalonjalo bazihlole izinkukhu ukuze bezoshesha bathole uma kunezinkinga ngaphandle kokuba isimo size zidlebeleke.

Izintwala

Izintwala zesifo iAvian ziyizintwala ezilumayo impela. Ziwuhlobo oluthile olukhethekile, zidla zize zilume ngisho isikhumba noma izimpaphe ngakho azikwazi ukuhlala isikhathi eside kubantu nakwenye imfuyo. Yize kunjalo zisengakuluma zishiye amabala asabomvu ancinzayo ngakhoke kuhle ukuba ugqoke izembatho nezivikela zandla ngesikhathi welapha lezizimuncagazi.
Kunezinhlobo ezahlukene ezikhona, ngasinye sinendlela yaso nendawo yaso yokuluma enkukhwini, kusukela kwizimpaphe kuya emaphikweni, isidumbu Kanye nekhanda. Zivamise ukuba ngu 2mm kuya ku 5mm ubude, azinamaphiko, zinemilenze eyisithupha, ziyisicaba futhi zidle ngokuba nombala osaphuzi noma osansudu. Amaqanda azo angabamhlophe okusampunga noma abesatshani abomile, zivamise ukuwazalele abemaningi abengamaqoqo.
Izinkukhu ezinezintwala zibukeka ziwothokile futhi zigqwalile. Izimpaphe zazo kuyenzeka zibe mahliphihliphi noma ziwohleke futhi azinethezeki zihlala ngokuzinywaya ziziququda zizama ukuzipholisa. Ukukhahlamezeka kwesikhumba kungandisa amanye amagciwane athelelanayo. Uma seziqubuke kakhulu lokhu kungaba nomthelela omubi kakhulu ekukhweleni kwamamaqhude, nokukhiqiza amaqanda kuzikhukhukazi kubenomthelela nasekhuleni kwesisindo samachwane. Kanti futhi kungaholele ekufeni kwawo amatshwele/ amachwane.

Amasu Okwalapha Nokuvikela

  • Izinkukhu kumele zihlolwe njalonjalo ukuze kutholakale izinkinga maduze. Isikhathi esihle sokubhekisisa izinkukhu isemini ngoba izintwala zisuke zinyakaza. Ngesikhathi uzibheka, hlukanisa izimpaphe zezinkukhu. Izintwala zivamise ukubonakala kahle zihambahamba noma zigijimisana ezansi ngasekugcineni kophaphe, kanti amaqanda angamaqoqo avamise ukubonakala ngasemsukeni wezimpaphe. Izintwala ziyazithanda izimpaphe eziphuphuzelayo njengaphansi kwamaphiko uzungeze nasendaweni ezungeze isidunu senkukhu. Ngakhoke lezizindawo yizo okumele zibhekisiswe kuqala.
  • Ungazithengi izinkukhu ezivela kumhlambi othelelekile. Izinkukhu ezintsha kumele zihlolisiswe, zilashelwe amapharasathiya futhi ziqheliswe kumhlambi osuvele ukhona, okungcono zingagcinwa kweyazo zodwa indawo isikhathi esingalinganiselelwa kumasonto amabili futhi kuqinisekiswe ukuthi ayikho ingcuphe eziza nayo.
  • Ukuzibhuquza othulini nokuzigeza lezi ezinye zezindlela imvelo ezama ngayo ukulwisana nezinambuzana, ngakhoke izinkukhu ezingekho ezindaweni enomhlabathi wokuzibhuquza nalezo isigqofo sazo esesiphumile noma esesidala zingaba sengcupheni.
  • Sebenzisa umlotha wokhuni emhlabathini wokubhuquza, uyasebenza kakhulu ukushelelisa nokuqothula amapharasithiya uphinde uhlaze isidumbu senkukhu kumafutha angadingeki nazozonke izinsalela amanye amapharasithiya adla kuzo. Umlotha wokhuni ungahlanganiswa nesihlabathi noma i peat moss bese ubekwa ethinini elidala noma kubhavu weplasitikini okuzokwenza kubelula ukuwuqoqa.
  • Sebenzisa umkhiqizo obhaliswe ngokugcwele ukuthi ongowekwelapha izintwala noma izinkukhu ezithelelekile. Imanuwali yoMnyango wezeMvelo KwaZulu Natali ngokugcinwa kwezinkukhu incoma ukusetshenziswa kuka Karbadust. Abakhiqizi bayaye bakhuthazwe ukuthi bafake inkukhu enezintwala kwiphakethe noma isikhwanyana bese ikhanda livele ngaphandle.uKabadust kumele uthelwe esikhwameni beseke sishukunyiswa kahle ngesineke kubhuquziswe inkukhu yonke. Kumele usetshenziswe kuphela ezinkukhwini ayi kumakheji nasezindlini.
  • Izindlu zezinkukhu namakheji kumele zihlanzwe njalonjalo, uma kungenzeka, zifafazwe ngesibulala magciwane. Abanye osomaplazi babaye bancome ukutshala imifino eqhelisa izinambuzane maduze nendawo yomkhiqizo, lemifino kumele ifakwe kumabhokisana. Uhla lemifini eyaziwayo ukuthi iyaziqhelisa izinambuzane kubalwa kuyo ilavender, bay leaves, marigold, eucalyptus leaves, oregano, peppermint, wormwood kanye ne spearmint.

Translated by Nokubonga Guliwe