African Buffalo
Inyathi

© Shem Compion

IGAMA

Inyathi

IBONAKALA KANJANI

Inyathi yinkomo yasendle enkulu futhi enamandla. Ubude bayo kusuka emahlombe kufinyelela ku-1.5m, inesisindo esiwu-750kg. Ubulili bobubili buba nezimpondo, ezenkunzi zidle ngokuba nkulu, zibuye zigoqane naphezulu.

ZIDLANI

Umhlambi wezinyathi unegalelo elikhulu endle. Yizona ezidla utshani kakhulu, ngalokho kuncike kuzo ukuguqula indawo enotshani obude ngokubudla, lokho kwenza kube lula kwezinye izilwane ezidla utshani obufushane ukuthi budleke.

ZIZALANA KANJANI

Zihlangana ngoNdasa kuya kuNhlaba, okuyisona sikhathi sokuthi inkunzi ikhele. Inyathi yesifazane imitha izinsuku eziwu-330. Kuthi-ke phakathi kwaMasingana kuya kuMbasa inyathi yesifazane izala ithole elilodwa. UNhlolanja yiyona nyanga lapho amathole amaningi ezalwa khona. Izinyathi zikukhonzile ukuhlalisana. Kujwayelekile ukubona imihlambi emikhulu efinyelela emakhulwini ezinyathi ndawonye, kepha ngezinkathi zesomiso kuvamise ukuthi imihlambi ibe mincane.

ZIPHILA KANJANI

Zizingelwa amabhubesi, ikakhulukazi. Uma inyathi ihlaselwa ngezinye izinyathi emhlambini, ziye ziqonde isitha ukuzama ukulamulela esuke ihlaselwe. Izinyathi ziyakwazi ukuxosha iqembu lamabhubesi asuke ezozizingela uma zibhekana nawo ngobuningi bazo. Inkunzi elimele yaziwa ngokuba yingozi ebantwini abazingelayo, okuyisona sizathu lesi silwane sibalwa nezilwane ezinhlanu eziyingozi ehlane.

ZITHOLAKALA KUPHI

Zivamise ukutholakala ezindaweni eziyihlathi nezinesikhotha. Imihlambi emikhulu yezinyathi itholakala eKruger National Park, kuthi imihlambi emincane itholakale KwaZulu-Natali naseMpumalanga Kapa.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Kuye kuthiwe inyathi ikugqolozela sengathi uyikweleta imali, iyona ncazelo okufanele uyazi uma kungenzeka uhlangane nazo uma uhamba ehlane.
Izinyathi zithwala amagciwane ayingozi emfuyweni yasekhaya, okuyisona sizathu sokuthi ezitholakale zingenamagciwane ziyandiswa ngokuhlelekile eMpumalanga Kapa naseningizimu ye-Afrika bese zithengiswa ngenani eliphezulu.