Aeolid Nudibranch
Igama
Nudibranch – Typical Aeolid
Isiteketiso
Sea slug
Igama lesayensi
Aeolidina
Ubude
Ingakhula ize ibe ngamasentimitha ayi-15.
Ibonakala ngani
Lesi silwane esisamneke esinomzimba omncane ogcwele izinsephe ezingalingani. Sinezimpondo ezimbili ezindle nolimi olulengayo ngaphansi kwazo. Umbala waso uyashiyana kusukela kompunga noma omhlophe kuya koyi-olintshi noluhlaza sasibhakabhaka ngokuqgamile.
Ulwazi olwejwayelekile
Ama-Aeolidina angaphansi komndeni wezilwane ezaziwa nge-Opisthobranchia. Igama elithi ‘nudibranch’ lisho ama-gill noma izimbobo zokuphefumula ezihleli obala. Ama-Aeolids akwazi ukuqoqa uketshezi oluncinzayo, aluthola ekudleni, alubeke ezimpondweni ukuze azivikele ngalo. Lesi silwanyana ziyashwibeka emanzini. Izitho zobulili, isilisa nesifazane, zitholakala ngakwesokudla emqaleni. Uma sizalela sisaphaza ulwelwe olunoxhakaxhaka lwamaqanda.
Ukudla
Izipontshi zasolwandle nezilwanyana ezingenamathambo ezifana nama-soft coral, anemones nama-hydroids.
Indawo
Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.
Izinhlobo ezejwayelekile
Dragon nudibranch (Bornella anguilla)
Spanish shawl (Flabellina iodinea)
Aeolid sp (Pteraeolidia ianthina)