Wild Date Palm

© Roger de la Harpe

Igama

Wild Date Palm - Senegal Date Palm [Phoenix reclinata]

Incazelo

I-wild date palm inamaqabunga amiswe okwezimpaphe. Lesi sihlahla esivamile asikhuli size sidlule kumamitha asithupha ubude. Isiqu se-wild date palm sinsundu ukuyosho kungwevu. Amaqabunga adabukile, futhi ubude bawo ngamamitha ama 3-4 wamamitha. Angafika kumashumi amahlanu ebuningini. Anameva amanye futhi aluhlaza, ayashelela futhi ayacwebezela. Izimbali eyiyisilisa nesiyisifazane zihluma ezitshalweni ezehlukene.
Eziyisilisa ziphuzi. Eziyisifazane zincane futhi ziphuzi osaluhlaza. Izithelo zayo zincane futhi ziqhamuka zingamaqoqo amaningi. I-pulp yezithelo inamafutha futhi iphuzi uma isencane. Uma seyindala ibanusundu bese ibanembewu ngaphakathi.

Lapho ezitholakala khona

Le nhlobo yesihlahla iphila kahle lapho ekuhlezi kunamanzi amaningi. Yingakho sibonakala lapho kukhona khona amaxhaphozi. Ukubonakala kwe-wild date palm kuchaza ukuthi kuleyo ndawo kunamanzi noma kwakukhona amanzi.

Olunye ulwazi

Izithelo ze-wild date palm ziyathandwa yizilwane ezincane, izinyoni nabantu. Lokho okutholakala ngaphakathi kwalesi sihlahla kusetshenziswa njenge mifino. ENingizimu Afrika naseBotswana izithelo kwenziwa ngazo iwayini. Lokhu kwenziwa ngaphambi kokuthi ziqhakaze.