Ukufuywa Komhlambi Wezinkukhu Ezikhethekile Zeqele

© Chris Daly
Izinkukhu ezikhethekile zeqele zinomdlandla nempilo enhle kanti futhi ziphila kahle ngaphansi kwesimo sezulu saseNingizimu Afrika kunezinkukhu ezifuyelwa inyama namaqanda, yikho lokhu futhi okuzenza zikhetheke uma zifuyelwa ukukhuliswa eqeleni nomkhiqiza kancane. Izindawo okufuywa kuzo loluhlobo eNingizimu Afrika iseBoschveld chicken, Naked Necks, Ovambo’ isePotchefstroom Koekoeks nase Venda.

Izinkukhu zaseBoschveld

Izinkukhu zaseBoschveld azikaphasiswa njengezibhaliswe ngokugcwele ukufuywa eNingizimu Afika, kodwa yize kunjalo sezibe uhlobo okuyilo oluncanyelwayo ekugcineni kahle ukufuywa kohlobo olukhethekile lwezinkukhu zeqele kosomapulazi (abalimi) abakwizingxenye ezehlukene ze Afrika.

Umlimi uMike Bosch wasungula ukufuya loluhlobo ngo 1998 epulazini lakhe elisesifundazweni sase Limpopo eNingizimu Afrika, kusukela ekumithiseni imihlambi engamaqembu amathathu ohlobo olahlukene, okuyi Venda, Ovambo ne Matebele. Loluhlobo lwezinkukhu lunombala obomvu wangqiza ngokusansundu nenzimpaphe ezimhlophe phakathi nendawo okuzisiza ukuthi zifihleke kwizilwane zasendle.

Amaqhude anesisindo esilinganiselelwa ku 1,6 kg uma esenamasonto ayishumi nambili ubudala aye ku 2.6 kg uma esekhule amasonto angamashumi amabili, kanti izikhukhukazi zona zinesisindo esingu 1.5 kg kumasonto ayishumi nambili ziye ku 1.7 kg uma sezinamasonto amangamashumi amabili. Izinkukhu zisuke sezikulungele ukukhwelana uma sezinezinsuku ezingu 136. Isikhukhukazi ngasinye sisuke sesikwazi ukubekelela amaqanda amane ngesonto elilodwa.

Izinkukhu Naked Neck

Naked Neck (eziluqwathu entanyeni) nazo lezi zifakwa kumhlambi okhethekile weqele obulokhu uhamba njalo kusukela kwizinkukhu ezinganazimpaphe entanyeni ezisuka kwelase Malaysia ngesikakhathi se 17 Senturi (Century). Lezizinkukhu zimbalabala.

Ngokwabe Club yokufuywa KweziNkukhu eNingizimu Afrika, zimbili izinhlobo ezingenaluphaphe entanyeni, enye yazo ezizalanayo futhike zona ziluqwathu entanyeni, ngakolunye uhlangathi kukhona ezingaveli kuzalolunye zona zinezimpaphe ngaphambili entanyeni kuphela. Lezo zithathwa njengommhlambi onesisindo esikhulu, Amaqhude akhona anesisindo esisuka ku 1.5 kg uma sezikhule amasonto ayishumi nesithupha, 1.95 kg kumasonto angamashumi amabili zibe ngu 3.5 kg lapho sezikhule ngokugcwele.

Izikhukhukazi zinesisindo esingu 1.1 kg uma sezinamasonto ayishumi nesithupha ubudala, 1.4 kg uma sezinamasonto angamashumi amabili bese ziba ngu 3 kg lapho sezikhule ngokuphelele. Zisuke sezikulungele ukukhwelana uma sezikhule izinsuku ezingu 155 bese zikwazi ukukhiqiza amaqanda anesisindo esingu 55.5 wama grams.

Isakhi sofuzo esikumhlambi oluqwathu entanyeni kwamanye amazwe sisetshenziswa ukukhiqiza izinkukhu zenyama namaqanda njengase France. Kunezizathu ezimbalwa zokwenza lokhu. Ngenxa yokuthi lezi izinkukhu, zinamaphesenti angu 30 amancane ezimpaphe kunezinye izinkukhu ezigcwele izimpaphe yonke indawo futhi, azidli kakhulu kunezinye izinkukhu noma kunjalo isisindo sazo siyazifica ezinye futhi. Ziyakwazi ukubekezela ezindaweni ezinesimo sezulu esishisayo, okunye ngazo ukuthi zimbalwa izimpaphe ezidinga ukususwa ngesikhathi sezinqunywa, azidingi ukuchuthwa izimpaphe eziningi.

Izinkukhu Ovambo

Izinkukhu ze Ovambo umsuka wazo use Ovamboland eNyakatho neNamimbia. Loluhlobo lwaziwa njengezizalela amaqanda. Zinombala onsundu kuya komyama suce bese zigqiza ngomhlophe noma owolintshi.

Zinesisindo esilula esenza kubelula ukuthi zindize, amaqhude aso agibela ezihlahleni ukuvika izilwane zasendle. Ngokwabe Wicked Food Earth, loluhlobo lwaziwa ngokungqofa futhi luyatininiza uma lugijima, ziyakwazi nokubamba amagundane amakhulu ziphinde zidle namagundane amancane.

Amaqhude akhona anesisindo esisuka ku 1.74 kg uma sezikhule amasonto ayishumi nesithupha, 2.16 kg kumasonto angamashumi amabili. Izikhukhukazi zinesisindo esingu 1.32 kg uma sezinamasonto ayishumi nesithupha ubudala, 1.54 kg uma sezinamasonto angamashumi amabili. Zisuke sezikulungele ukukhwelana uma sezikhule izinsuku ezingu 143.

Izikhukhukazi zikwazi ukukhiqiza amaqanda angu 129 ngonyaka anesisindo esingu 52.5 wama grams. Izikhukhukazi ziba ngonina abanakekelayo nokufukamela kwazo kuqinisekisa ukuphila kahle kwazo.

I-Potchefstroom Koekoek

iPotchefstroom Koekoek yasungulwa ngaminyaka yo1950 ngu Chris Marais kwisizinda Socwaningo seAnimal Husbandry and Dairying ePotchefstroom, lapho wayemithisa phakathi kwama Black Australorps, White Leghorns nama Plymouth Rocks. Igama elithi “Koekoek” lisho umbala othile womhlambi munye.

Izinkukhu zisuke sezikulungele ukukhwelana uma sezikhule izinsuku ezingu 130. Izikhukhukazi zizalela amaqanda anesisindo esicishe sibe ngu 55.7 grams. Zizalela cishe amaqanda angu 198 ngonyaka. Amaqhude akhona anesisindo esisuka ku 1.84 kg uma sezikhule amasonto ayishumi nesithupha, 2.4 kg kumasonto angamashumi amabili, zibe ngu 3.5 kg kuya ku 4.5 kg uma sezikhule ngokugcwele. Izikhukhukazi zinesisindo esingu 1.4 kg uma sezinamasonto ayishumi nesithupha ubudala, 1.7 kg uma sezinamasonto angamashumi amabili zibe ngu 3.5kg uma sezikhule ngokugcwele.

Lomhlambi muningi kakhulu ezindaweni ezisemakhaya zifuyelwa kokubili amaqanda nenyama nokuthi ziyakwazi ukuzichamiselela zizikhiphele amatshwele. Umbala wezinkukhu uncike kubulili, ngakho uma iqhude elimnyama limithisa isikhukhukazi se Koekoek, izikhukhukazi ezizokhiqizwa lapho zizobamnyama suce kumbala, besekuthi amaqhude akhona agqize ngomachashazi amhlophe ekhanda.

Izinkukhu Omsuka Wazo useVenda

Izinkukhu omsuka wazo useVenda zaqala ukutholwa ngu Dktl Naas Coetzee, wayenguDokotela wezilwane kaHulumeni e Bloemfontein ngo 1979 endaweni yase Venda esifundazweni sase Limpompo. Lomhlambi umbalalala, omhlophe, omnyama nonsundu yiyo imibala egqamile kuzo. Zinesisisindo esilula nezimpaphe ezithambile.

Amaqhude akhona anesisindo esingango 1.57 kg uma esekhule amasonto ayishumi nesithupha, 2.01 kg kumasonto angamashumi amabili futhi ziyaba ngu 2.9 kuya ku 3.6 kg uma sezikhule ngokugcwele. Izikhukhukazi zinesisindo esingu 1.24 kg uma sezinamasonto ayishumi nesithupha ubudala, 1.4kg uma sezinamasonto angamashumi amabili, ziya ku 2.4 kg kuya 3 kg uma sezikhule ngokugcwele.

Zisuke sezikulungele ukukhwelana uma sezikhule izinsuku ezingu 143. Izikhukhukazi zikwazi ukukhiqiza amaqanda amakhulu anamachashalazi anesisindo esingu 52.5 wama grams. Alinganiselelwa ku 129 amaqanda eziwakhiqiza ngonyaka.

Ngokwe Southern African Show Poultry Organisation Breed Standards description, uDktl Coetzee wamangazwa kakhulu iloluhlobo ekukhiqizeni amaqanda asezingeni eliphezulu, ukukwazi ukuziphilisa, ukukwazi ukulwisana nezifo, ukungadingi ukudla okuningi kanye nokufukamela kwazo.

Izinkukhu ezithi azifane nazo zaphinde zatholwa eNingizimu neKapa nakwisifunda iQua-Qua ese Free State.

Translated by Nokubonga Guliwe