Ukubungaza isikhwama esibekelela imali yokusiza abantwana sika-Nelson Mandela ngonyaka ka 2007

© Eric Miller

Indoda Elungile kakhulu Emhlabeni

Ukubungaza usuku lokuzalwa lweminyaka engu 89 luka Nelson Mandela lwaqhubeka nakusuku olulandelayo kwaba nomunye umcimbi Ngolwesibili, mhlaka 24 kuJuly ngonyaka ka 2007, wabanjelwa emmahhovisini esikhwama sika Mandela esibekelela imali yokusiza abantwana Egoli lapho uMandela owayelokhu emamatheke njalo asika khona ikhekhe elikhulu, wasingatha abantu waphinde wamukela nezipho kumgubho waminyaka yonke awubungaza nabantwana.

Eceleni kwakhe kwakungu Graca Machel. Izilokotho ezinhle zashiwo cishe ngaphezu kuka 300 wabantwana ngezilimi ezahlukene nolwimi lwabantwana. Omunye wabo wamubiza ‘ngengelosi yasezulwini’, uRobert owayeneminyaka emihlanu wabhala wathi ‘uyindoda elunge kunawo wonke ehlabeni’; uFranco, oneminyaka emine wathi kuMandela ‘uyibhosi yomhlaba wonke’, kanti u-Olerato, eniminyaka emihlanu wathi, ‘uyindoda enhle nelongile eyake yabakhona’. uZolile Cele, eneshumi nanye, wapha uMadiba isitulo esigoqwayo esasakhiwe abanye abafunda naye esikoleni sabantwana abanezidingo ezikhethekile e-Forest Town eGoli.

Ekhuluma ehlezi esitulweni sakhe esihamba ngamasond, wathi ‘Ukuhlangana no Nelson Mandela kuyinto emnandi, ethi ungumuntu omkhulu kimina’. ‘Uma uMnu Mandela ebona abantwana, uvele athambe. Uyabathanda kakhulu enhlizweni yakhe, kubeka uTumi Mdwaba, okhulumela i Nelson Mandela Children's Fund (Isikhwama esibekelela imali yokusiza abantwana).

Translated by Nokubonga Guliwe

Rebranding Mandela

Ukuduma nokwaziwa kuka Mandela kwakuyifa elimile futhi ngokwenhlolovo eyenziwa ngo May ka 2007 eyenziwa inkampani yabacwaningi i Markinor, u...more