Tuna

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

i-Tuna

Igama Lesayensi

Scombridae

Usayizi

Ubude bayo bungafinyelela ku-2.5 m, ngokujwayelekile kuba wu-1 m.

Isakhiwo Sayo

Inomzimba ongathi uphothene, ongathi uyathintana ekugcineni. Inekhala elicijile. Inamaphiko amabili akwazi ukufongqeka. Inesisila esimise okwemfologo esiqinile. Inomlomo omkhulu. Ivamise ukuba sasiliva nombala omnyama, kanti amanye aba nezisila eziphuzi neziluhlaza sasibhakabhaka.

Olunye Ulwazi

Uhlobo lwe-scombridae lunezizukulwane eziwu-15 kanye nezinye izinhlobo eziwu-51. Uhlobo lwenhlanzi olushesha ngendlela eyisimanga olukwazi ukuzingela. Kwezinye izikhathi lutholakala lungamaqoqo amaningi. Enkulu kakhulu yileyo eyaziwa nge-Blue tuna. Umzimba wayo ukwazi ukumelana nazo zonke izimo zokushisa, okwenza ikwazi ukutshuza ngesivinini esikhulu. Isikhathi esiningi iphila olwandle oluvulelekile.

Ukudla

Idla abanye ofishi nezinye izilwanyana eziphila olwandle.

Ukusabalala Kwayo

Iphila ndawo zonke emhlabeni.

Izinhlobo Ezijwayelekile

I-Atlantic bluefin tuna
I-Thunnus thynnus
I-Dogtooth tuna
I-Gymnosarda unicolor
I-Mackerel
I-Scomberomorus maculates