Rhebuck

© Roger de la Harpe

Igama

I-Rhebuck engwevu [Pelea capreolus]

Abukeka Kanjani

Isisindo sayo singu-30kg, ubude emahlombe ngu-700 mm kuya ku-800 mm. Lesi silwane sinomzimba omncane, nentamo ende kanti asisikhulu kakhulu.
I-Rhebuck engwevu inamadlebe acijile, nekhala egathi yindilinga, uboya obuningi, isisu sayo simhlophe. Inqama inezimpondo eziqondile futhi ezicijile, ubude bazo ngu-150mm kuya ku-250 mm.

Adlani

Lesi silwane asinakudla okukhethekile esikudlayo, isikhathi esiningi sidla izimpande. NgoJuni nango-Okthoba sidla izimbali nembewu.

Azalana Kanjani

Sinenkathi yokuzala. Isikhathi sokuzalisana singoFebhuwari nango-Aprili. Sizala izinyane elilodwa ngesikhathi, emuva kwezinyanga eziyisishiyagalombili.
Imvukazi emithi iyawushiya umhlambi wayo ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokuthi izale. Emveni kokuthi izele, iyalifihla izinyane layo (ukulivikela), ize ilibone uma izolincelisa kuphela. Lokhu ikwenza kuze kuphele amasonto ayisithupha.

Iphila Kanjani

Impilo yalezi zilwane ayiqondakali kahle. Zihamba zingamaqembu awu-12, lapho kukhona inqama eyodwa endala, ezesifazane ezimbalwa namazinyane azo. Izinqama zithanda ukuhamba zodwa, futhi zinesikhwele ngensimu yazo, zihlale zilungele ukuyilwela.
Izinqama ziye zihefuzele, zibubule uma ngabe zivinjiwe. Ziba matasa kakhulu ntambama, kodwa uma lishisa kakhulu ilanga, ziyaphumula. I-Rhebuck engwevu inekhono lokugxuma, nokugijima.

Zihlala Laphi

Zitholakala ezintabeni, futhi zithanda indawo ezinamatshe notshani.

Zitholakala Kuphi

I-Rhebuck engwevu ayijwayelekile, kodwa aba maningi ezindaweni lapho isimo sisihle khona. Lezi zinyamazane zitholakala ezifundazweni ezifana neMpumalanga neNtshonalanga Kapa, I-Cape Peninsula, iMpumalanga neNyakatho Kapa, ezintabeni zaseLesotho, eFreyistata nasoKhahlamba naKwaZulu-Natali.

Izitha

Ibhubesi, ingwe, impisi, i-Cape hunting dog nenhlwathi.

Eminye Imininingwane

Okuncane okwaziwayo nge-Rhebuck engwevu wukuthi yilapho igama lezingubo zemidlalo i-Reebok elisuka khona. Leli gama lakhethwa ngenxa yekhono lalesi silwane.