Purple Roller

© Roger de la Harpe
Purple Roller.

Amagama Edume Ngawo

Purple Roller, Rufous-crowned Roller

Igama Lesilatin

Coracias naevia

Ibonakala Ngani

Ubude bazo bugamasentimitha anga 35-40 nesisindo esingamagremu ayi-160. Ubulili bobubili buyafana. Uma uyibukela kude ibukeka insundu nomugqa omhlophe okhakhayini. Ngaphezulu zinombala oluhlaza ngoku-olive, kanti esifubeni inombala oluhlaza oyela kuphephuli, nombala omhlophe kusuka ezansi komlomo, bese iba mpofana ngasemuva. Ngaphansi izimpiko zimnyamana uma zivalekile futhi inomsila oyisikwele, oluhlaza okotshani maphakathi, bese uba phephuli yonke indawo. Emaceleni ekhanda nesingezansi inombala onsundu ngokuphasile oyela kuphephuli nomugqa omhlophe. Uma le nyoni indiza imibala yayo iyagqama.

Zidla Nhloboni Yokudla

Zidla izinambuzane ikakhulukazi izintethe, amabhungayezi, izintuthwane, ofezela, izinyoka, amagundane nezinyoni ezincane.

Mayelana Nokuzala

Zinendawo zazo endle futhi eyesifazane yenza amachwane neyesilisa eyodwa. Zilalela amachwane kusukela ngoMfumfu kuya kuNhlangulana. Zihlala esidlekeni esisodwa iminyaka eminingi futhi zimana zilokhu zisihlola isidleke ngisho kungesiso isikhathi sokuzalela. Amaqanda alezi zinyoni ayindilinga futhi amhloshana ngokucwebezelayo.

Indlela Eziphila Ngayo

Ziyayilwela indawo yazo zixoshe ezinye izinyoni noklebe abancane. Zitholakala zindiza ngayodwa noma ngambili; ezimbili zihlala ngokuqhelelana ezihlahleni. Lezi zinyoni azinawo umsindo kakhulu futhi kazinayo imizimba elula njengezinye.

Ziphila Kuphi

Zithanda amahlathi namathafa avulekile, kodwa zidinga izihlahla ezinkulu ukuzalela. Zithanda kakhuli izindawo ezifudumele futhi eziqondile.

Zitholakala Kuphi

Le yinyoni yase-Afrika. Zisabalele iNingizimu Afrika yonke kodwa zithanda zande kakhulu ezindaweni ezomile ezinezihlahla.