Marabou Stork

© Shem Compion
Marabou Stork.

Igama

Marabou stork

Ukubukeka

I-Marabou stork yinyoni enkulu futhi engejwayelekile. Inemilenze nezinzwane ezingenalutho ngaphakathi, konke nje kungamathambo. Njengoba le nyoni inkulu, la mathambo abalulekile ngoba ayisiza ukuze ikwazi ukundiza kahle. I-Marabou stork yase-Afrika iphiko layo lingamamitha ama-2.6mm ubude ne-1.5mm ukuvuleka. Le nyoni incembungculu ekhanda.
Eyesilisa kulula ukuyibona ngama-air sacs ayo amakhulu futhi iphinde ibe nkulu kuneyesifazane. Inomlomo omkhulu futhi bobubili lobu lili buyefana ngemibala. Inemibala engagqamile, ikhanda elinamachazai abomvu nemilenze emide. Umbala obanakala kakhulu kule nyoni ngophuzi. I-Marabou esencane inombala ocishe ufane nowendala. Inokusahhuli (wool) ekhanda. Ziqala ukuba nezimpaphe ezimnyama uma sezineminyaka emithathu. Emuva kweminyaka emine xisuke sezikhule ngokwenele. Intamo nekhanda lazo akubi nazo izimpaphe.
Isifuba sayo sinesikhwama eside, esibomvu, esilenga kusuka emqaleni. Lesi sikhwama sisetshenziselwa amasiko okuthandana. Lesi khwama, esingama-intshi ali-18, sibonakala kakhulu ngesikhathi sokuzalana. Lesi sikhwama esilengayo iphinde yenze ngaso umsindo uma ibona ingozi.

Ukudla

Le nyoni idla inyama yezilwane ezifile. Nakuba lokhu kuyenza ibonakale njengenyoni enonya, lokhu kuziphatha kubaluleke kakhulu esimisweni sezinto eziphilayo (ecosystem). Ngokususa izidumbu ezibolile emhlabathini, i-Marabous isiza ukugwema ukusabalala kwamagciwane angaba nobungozi kwezinye izilwane nasezitshalweni. Idla noma yiluphi uhlobo lwesilwane: izinyoni ezinkulu nezincane, izilwane ezincelisayo, izindlovu, amanqe, amankentshane, njalo-njalo.

Ukuzala

I-Marabou yakha izidleke ezinkulu phezulu ezihlahleni. Ithanda ukuba seduze kwabantu. Ifinyelela ekuvuthweni kobulili uma seyineminyaka emine ubudala. Isidleke sayo sikhulu, senziwe ngezinduku futhi simise okwenkomishi, egcwele izinti ezincane ngaphakathi, namaqabunga aluhlaza. Ngokuvamile iye izalele amaqanda ama-2-3 ngenkathi eyomile. Bobubili lobulili buyaqhwaza izinsuku ezingama-30. Zombili zobulili zithatha; amaqanda aqhwaza ngezinsuku ezingama-30. Intsha ayinakuzisiza ekuzalweni. bobubili lobulili buyashintshana ngokondla amachwane azo, aze aqede izinyanga ezi-3-4.

Ukuziphatha

Ama-Marabou adonswa wumlilo uma kusha utshani. Agijima phambi kwawo umlilo ukuze abambe izilwane ezibalekela ekuphepheni. Lezi yizinyoni eziphila ngayodwana noma ngamaqembu amancane. Amaqembu amakhulu angabonwa eduze kwemithombo yokudla ngenkathi yokufuduka noma ngenkathi yokuzalana. Njenge-Turkey Vulture, i-Marabou nayo inomzimba okwaziyo ukubulala amagciwane athotholakala kwingcuba. Ngokumane yenza nje, lokhu kuyisiza ekulawuleni ukushisa komzimba futhi kwenza le nyoni ibonakale sengathi inezinyawo ezimhlophe.
Njengezinyoni eziningi i-Marabou Stork iphefumulela phezulu uma kushisa ukuze yehlise izinga lokushisa emzimbeni wayo. Lezi zinyoni ziyavilapha, futhi zichitha isikhathi esiningi zimile zingenzi lutho. Lapho ezindiza khona ziyamangaza futhi ziba zinhle kakhulu. Zisebenzisa i-thermal up-draughts ukuze ziphakame uma zindiza. Akuzona izinyoni ezithanda ukundiza amabanga amafushane. Njengamanye ama-stork, uma zindiza izinyawo zazo ezinde zibheka ngemuva.

Ukuhlala

Ivame ukuhlala ezindaweni ezinamanzi. Kuvame umuthi uzithole ezindaweni ezinabantu ezindaweni ezinamadamu okudoba nasezindaweni zokulahla imfucuza.

Lapho zitholakala khona

Afrika, eningizimu yeSahara.

Igama lesiLatini

Leptoptilos crumeniferus