Mantis Shrimp

© Johan Boshoff

Igama

Mantis shrimp

Igama Lesayensi

Stomatopoda

Ubude

Ejwayelekile iba ngamasentimitha ayi-12. Ingakhula ize ibe ngamasentimitha angama-30.

Ibonakala Ngani

I-Mantis shrimp yishebenisi elinomzimba olulekile omalungalunga nezinyawo eziyishumi. Izinyawo ezimbili zangaphambili zinkulu futhi yizo egadla ngazo. Inesifuba esiqinile nesisu esigobayo. Amehlo ayo ungathi ahleli phezulu kwekhanda. Umbala uyaba nsundu ngokukhanyayo noma ube njengesihlabathi solwandle kuya koluhlaza, obomvu noluhlaza sasibhakabhaka.

Ulwazi Olwejwayelekile

Umndeni wamashebenisi i-Stomatopoda unemikhakha eyi-19 nezinhlobo eziyi-120. La mashebenisi ahlala emigodini ayimba phansi esihlabathini olwandle. Uma ezingela, aye asebenzise izinyawo zawo eziqinile ukugqebhula amagobolondo ezisulu. La mashebinisi, azingela ebusuku, avame ukuwaphatha amaqande aze achamisele. Oshobishobi baqala ngokuntanta bengakakwazi ukuzibhukudela.

Ukudla

Idla izinhlanzi, imineke, izinkalankala, amashebenisi, nokunye.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.

Izinhlobo Zayo Ezejwayelekile

Giant smashing mantis shrimp
Echinosquilla guerinii
Peacock mantis shrimp
Odontodactylus scyllarus
Spearing mantis shrimp
Alima laevis