Jackalberry

© Shem Compion

Igama

Jackalberry - African Ebony [Diospyros mespiliformis]

Igama lesiLatini

Diospyros mespiliformus

Incazelo

I-Jackalberry yisihlahla esikhula sibeside kakhulu, siyafika kumamitha angama-80, isiqu ubukhulu baso ngamamitha amane. Uma lesi sihlahla sisincance ubude baso li-15 ukuya kwi-18 wamamitha. Iziqu zikhula ziqondile futhi zibe zinde, amagatsha okuqala abakude le kunomhlaba. Iziqu esezindala zibamazombezombe futhi zibe sibaca esiqwini, lokhu kuzenza zomelele.
Isiqu sinsundu, uma sisesincane, bese sibangumbala ongwevu uma sesisidala. Iqabunga ngaliye ukwakhiwa kwalo ku-elliptical, futhi ubude ngu 5,5 wama intshi, ububanzi ngama intshi amathathu nemiphetho engaqondile. Amaqabunga ayacwebezela, abukeka okwesikhumba. Ngaphezulu uluhlaza sakubampunga okungathi kuyakhanya. Amaqabunga amancane nezinti zimbozwe uboya ubushelelayo. Mangabe zisezincane lezi zihlahla amaqabunga awawi, kodwa ngokuya sikhula amahlamvu aye aqale ukuwa entwasa hlobo.
Amaqabunga amasha aqala ukukhula ngoNhlangulana kuya kuMfumfu. Aye abe phinki sawolintshi ngokombala. Imibala iyahluka ukusukela kubomvu okhanyayo ukuya kubomvu ompunga. I-Jackallberry iyilungu lomndeni we-Ebenaceae, futhi eyaziwa njenge African ebony.

Izimbali

Izimbali zalesi sihlahla okuthiwa yi-Jackalberry zincane futhi azinakekile. Kodwa lezi zimbali ezikhilimu ziwububilili obuhlukene futhi zikhula ezihlahleni ezehlukile. Ezesifazane zikhula nganye egatsheni kanti ezesilisa zikhula zingamaqoqo. Isithelo sikhula ezihlahleni zesifazane.

Izithelo

Izithelo ze-Jackalberry zithandwa yizilwane eziningi. Lezi zithelo zinomsoco, ifomu yaso yi-intshi ububanzi futhi siphuzi noma sibephuzi ongathi uluhlaza ngokombala. Ama-sepal amahlanu e-calyx yembali eshiyeka ezansi kwesithelo amathiphu ebheke emuva. Izimbewu ezimbili noma eziyisithupha ziyatholakala ngaphakathi kwalesi sithelo.
Isikhumba saso siqinile kodwa le ndawo edliwayo imhlophe futhi ukunambitheka kwayo ngathi wulamula.
Lezi zithelo zingadliwa manje nomazigcinwe. Ngenye inkathi ziyomiswa bese zifakwa kuflawa. Ziyasetshenziswa nasekwenzeni ubhiya nogologo. Uma isithelo se-Jackalberry sesivuthwe kahle umbala waso ubaphephuli kodwa akuvamile ukuthisize sifike kulelozinga ngoba kunezilwanyane eziye zisidle singakavuthwa.
Izilwane ezifana nenyala, impala, warthogs, izimfene, nama-hornbills ziyasithanda kakhulu isithelo salesi sihlahla. Amaqabunga adliwa yizindlovu, obhejane, izindlulamthi, ama-buffalo nama-kudu. Izibungu zebhabhathane okuthiwa yi-emperor, zona zidla amahlamvu alesi sihlahla.

Ukusetsenziswa

I-heartwood kwakhiwa ngayo ifenisha esezingeni eliphezulu. Iziqu kwakhiwa ngazo ama-canoe. I-tannin etholakala kumaqabunga, esiqwini nasezimpandeni, iyakuphelisa ukopha. Lesi sihlahla sinama-antibiotics asiza ekulapheni izilonda. Umxube owenziwe ngezimpande uye usetshenziswe ekuxosheni ama-parasite, anjenge zishanguba, i-dysentery nomkhuhlane. Kuthiwa iyayilapha ne-leprosy. Izimbewu zidliwa njengamantongomane. Izithelo kwenziwa ngazo iwayini, noma ubhiya.

Zitholakala kuphi

I-Jackalberry yisihlahla esitholakala kuyo yonke i-Afrika, ukusukela e-Senegal, Sudan ukuyosho eNamibia nase-northern Transavaal. Sivamile kwama-savanna, noma ama-savanna woodlands, sitholakala khona kuma-termite mounds. Lapho umhlaba umningi khona, ama-termite mounds asiza ngokuthi asigcine sifumile, ngoba zikhula phezu kwezinto ezifile, kepha azizidli izihlahla eziphilayo. I-Jackalberry noma isinqunyiwe akuvamile ukuthi idliwe ama-termite.