Izindaba zogogo – ukufa kwabathandwayo bebulawa yigciwane le ngculazi

© Eric Miller
Goldie Qyayia nomkhwenyana wakhe uOtto base Khayelitsha, babenganqondi kakhle makukhulunywa nge ngculazi, kodwa ke ingane zabo yazibulala, uThumela no Vusi, kwalandela futhi ingane yabo yokugcina. Kukthathe isikhathi, kodwa ke uGoldie uyazama ukuqhubeka nempilo. Leli ibali lakhe.

Ukusebenza kanzima

Ngangiqeda kushwa i-Blouberg Homes, inkampani eqashisa ngezindlu eBloubergstrand. Ngisebenze lana iminyaka emihlanu, ngihlala eKhayelitsha. Indoda yami yona ihlala emkhaya eTranskie igade umuzi. Uthumela wayejwale ukuza ezosiza lapho ngangisebenza khona.

Umqeshi wethu makethi asikiline, si ayine, siwashe nama shidi, sasishesha siqede noba lowomuzi wawumukhulu ngoba uThumela wayesheshi futhi engasabi ukusebenza kanzima. Ngo Juni, ngo 2000, waqeda iminyaka engama 30, wacela ngimphelezele aye esibhedlela ngoba wayese qala ukugula, lapho wa donsa igazi befuna ukubheka igciwane le ngculazi.

Sasingekazi kahle ukuthi leligciwane limhlasela kanjani umuntu, lokho sakufunda ngokuhamba kwesikhathi, iziphumo zabuya zithi uThumela unengculazi. Akuphela ngisho iminya emibili etsheliwe ngaleligciwane waqa ukugula, usheshe wafika kwisigaba sesine, ubejacile, engenamndla, kwasekubonakala ukuthi uyahamba. Akuphela isikhathi esiningi ngaphambi kokuthi ashone.

Ngaso sonke lesisikhathi bengimgeza, ngimupha umuthi, ngimdlisa, ebengasakwazi nokuphakamisa ispuni. Kuyinto ebuhlungu kakhulu ukugulelwa yingane. Ngenkathi esegula kakhulu samhambisa eGroote Schuur, odokotela basitshela ukuthi usezoshona asimhambise e Conradie Hospital, uhlale amasonto amabili washona ngo Mashi ka 2002.

Translated by Nwabisa Ngumbela