Indaba Eyintandokazi kaBenjamin Pogrund ngoMandela

© Eric Miller

Izinkinga Ezifanayo

Phakathi kwezindaba ezininginingi ezimangalisayo ngoMandela, eyigugu lami yileyo engayitshelwa uJules Browde, ummeli omhlophe odumile waseGoli owavikela abantu ekuthethweni kwamacala ezombangazwe ngenkathi yobandlululo. Eminyakeni edlule ngasebenzisa le ndaba encwajaneni engoMandela eyenzelwe abafundi besikole samabang’aphezulu.

Ubrowde ukhumbula etshela uMandela ukuthi yena nomkakhe bayaphuma busuku thizeni kanti indodana yabo eneminyaka emine bayishiya nomzanyana onsundu, yakhala yathi, ‘Angifuni ukushiywa nobuso obumnyama’ uBrowde watshela uMandela ukuthi akaqondi ukuthi kwenzeka kanjani, ‘Singabantu abakhululekile akukho nokukodwa okulubandlululo lwebala emzini wethu.

’UMandela wathi unenkinga efanayo ekhaya ngolunye uhlangothi: abangani abamhlophe babeqeda kuvakasha uma sebehambile ingane yakhe yathi, ‘Kungani unabelungu la?’ Umandela waphendula wathi, ‘Akusibo bonke abelungu abanezinhliziyo zesilungu. Abanye babo banezinhliziyo zabantu.’

Translated by Zoza Shongwe

Mandela and Benjamin Pogrund's Family

Umndeni wami uhlangabezane nomusa kaMandela. NgoJanuwari 1986, indodana yami, uGidonon, yayigubha i-bar mitzvah yakhe, umkhosi wamaJuda woku...more